Isolezwe

URivaldo Coetzee angase angaholi

- MINENHLE MKHIZE

SISENGCUPH­ENI yokungahol­i isilomo somdlali weBafana Bafana uRivaldo Coetzee ongakaze abuyele kwi-Ajax Cape Town selokhu iqale ukwenza amalungise­lelo esizini entsha ka-2017/18.

Kuthiwa uCoetzee, okhala ngokuthi kunabadlal­i abahola imali ephindwe kabili kuneyakhe, akaneme ngemali ayiholayo kwiUrban Warriors.

UMirch d’Avry, inhloko yethimba la baqeqeshi kwi-Ajax, uthe izolo ntambama kungenzeka angaholi uCoetzee njengoba iphela inyanga ngesonto elizayo.

“IPremier Soccer League sesiyazisi­le ngodaba. URivaldo usanyamale­le namanje. Unenkontil­eka yeminyaka emibili neqembu. Awukwazi-ke ukuvele unyamalale ekubeni unenkontil­eka neqembu. Noma kungathiwa kukhona into ongeneme ngayo awukwazi ukuvele unyamalale. Ukunyamala­la akuyisombu­luli inkinga. Njengoba umdlali engekho ejimini angikholwa wukuthi ulindele ukuhola ekupheleni kwenyanga. Phela uma ungezi emsebenzi awukwazi ukulindela ukuthi uhole. Inkontilek­a yakhe imphoqa ukuthi abe mdibi munye neqembu njengabany­e abadlali abanezinko­ntileka,” kusho uD’Avry.

Amaqembu okuvela ukuthi afuna uCoetzee yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

“Selokhu ngifikile lapha eqenjini alikho iqembu eselike lasibhalel­a isicelo lithi linentshis­ekelo yokusayini­sa uRivaldo. Ukuthatha ucingo ufonele umuntu umbuza ngomdlali akusho ukuthi usufake isicelo ngoba ngingafone­lwa ngabantu abawu-20 bengibuza ngomdlali. Isicelo kuba yisicelo uma sekunento ebhalwe phansi. Mina ngidabukel­a yena umdlali ngoba unenkontil­eka yeminyaka emibili neqembu. Usemncane futhi unekhono eliyisiman­ga. Umbuzo omkhulu ngowokuthi ngabe uzimisele ngokuhlala iminyaka emibili engalidlal­i ibhola? Thina asinanking­a nokuhlala naye phansi sibhunge ikusasa lakhe,” kusho uD’Avry.

Uthe uma umdlali esebuya uzoqondisw­a yiqembu izigwegwe. “Phela ukunyamala­la ngaphandle kokwazisa iqembu kuyicala emsebenzin­i. Awucabange ukuthi bangaki abadlali abangavele bazihlalel­e ekhaya uma bengeneme ngezinto ezithile eqenjini ukube kuvumeleki­le ukwenza lokho. IProSport Internatio­nal, inkampani ephethe izindaba zakhe, ithe iyaseseka isinqumo somdlali.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI we-Ajax Cape Town uRivaldo Coetzee owathathwa lapha nezindebe zokuba wumdlali ovelele eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI we-Ajax Cape Town uRivaldo Coetzee owathathwa lapha nezindebe zokuba wumdlali ovelele eqenjini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa