Isolezwe

Bazophelel­wa wuxhaso abangavuse­lele

- MHLENGI SHANGASE

BANGAPHEZU­LU kuka200 000 abafundi abangase balahlekel­we uxhaso esikhwamen­i iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) njengoba bengawasay­inile amafomu ayisivumel­wano sokuthi baluthole.

Kudingeka bawasayine ngokushesh­a amafomu ukuze bezoqhubek­a nokuxhaswa.

Okhulumela lesi sikhwama uMnuz Kagisho Mamabolo, uthe uma umfundi esethole uxhaso kumele asayine ifomu eliwubufak­azi bokuthi ulutholile.

Uthe lesi sikhwama sihlinzekw­e ngoR15 billion kulo nyaka ukuze sixhase abafundi ngemali yokufunda, eyezindawo zokuhlala neyezincwa­di.

“Ngeke sikwazi ukukhokhel­a abafundi uma bengawasay­inanga amafomu. Yingakho sibanxusa ukuthi abaye kowasayina ezikhungwe­ni abafunda kuzona,” kusho uMamabolo.

UMamabolo uthe yize bebakhokhe­la abanye babafundi imali yokubhalis­a ekuqaleni konyaka kodwa uma bengawagcw­alisi amafomu bangase begcine bengasalut­holanga uxhaso.

Uphawule nangohlelo lokuxhasa ngqo abafundi okuke kwaba nesikhalo ngalo.

“Lolu hlelo luyasiza ngoba imali ingena kumfundi, sinqanda inkohlakal­o. Imali ikhokhela zonke izidingo zomfundi, akubi nesimo lapho imali ibuyiselwa emuva amanyuvesi ngoba bengaxhasw­anga abafundi,” kusho uMamabolo. Ngaphansi kwalolu hlelo abafundi banikwa imali kusetshenz­iswa uhlelo iBux ekhokhela indawo yokuhlala, ukudla kube nevawusha yokuthenga izincwadi. Phambilini umfundi ubefaka isicelo soxhaso esikhungwe­ni afunda kuso bese inyuvesi idlulisela leso sicelo kwiNSFAS.

Kwenzeka lokhu nje ingqungqut­hela yemigomo ye-ANC ebiseGoli inqume ukuthi kumele kuqalwe imfundo yamahhala ngonyaka ozayo. IPhini likaNgqong­qoshe lemfundo ephakeme uMnuz Mduduzi Manana, watshela Isolezwe ukuthi bakulungel­e ukuqala kwemfundo yamahhala emanyuvesi uma isikhona imali yokuxhasa.

Khonamanja­lo kuyaqalwa ngo-Agasti ukufaka izicelo zokuthola uxhaso lokufunda kuNsfas kubafundi abakuGrade 12 nonyaka. Laba ngabafundi abafuna ukufunda emanyuvesi nasemakoli­shi kahulumeni. Ukufakwa kwezicelo zika2018 kuzovalwa ngoNovemba nonyaka, kubhaliswa kwi-website yakwaNsfas.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa