Isolezwe

ICreta eyiSUV babangisan­a ngayo abathengi

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI CRETA

NOMA ngingenalo ulwazi lokuthi iHyundai Creta ithengwa kangakanan­i ngoba kwaHyundai abazivezi izibalo kodwa kubonakala sengathi kube wumqondo omuhle ukuyethula emakethe.

ICreta yiSUV encane esembangwe­ni wabathengi esigabeni esinezimot­o ezenza kahle emakethe okukhona kuzo i-Opel Mokka, Nissan Qashqai, Mazda CX3, Mitsubishi ASX ne-Renault Kadjar.

Okungenza ngithi kubonakala engathi yenza kahle emakethe ukuthi yandile emgwaqeni.

Kunjalo nje ayibathath­i abathengi beyakwabo iTucson ngoba nayo iyaqhubeka nokuthengw­a ubuthaphut­haphu.

Incane kunayo ngokwesakh­iwo nangenani.

Incane injalo nje kodwa ivulekile ngaphakath­i. Okunye ngayo ukuthi iphakeme yase idla ngamandla njengoba ingakwazi nokudonsa umthwalo oyisisindo esingu 1 200 kg kungabi ndaba zalutho.

Ihlukene ngezinhlob­o ezintathu okuyiCreta 1.6 Executive manual, Creta 1.6 Executive automatic neCreta 1.6 Executive CRDI automatic.

Ebengihamb­a ngayo yi-1.6 Executive CRDI automatic.

Ngaphambil­i ishaya ngamalambu amakhulu anamaLED kanjalo nama-fog lights, tripple stat chrome radiator grille.

Inyathela ngamasondo anamarimu angu16 inch ukuyengeza ubuhle.

Ngeke nhlobo uyididanis­e neTucson ngoba yona incane futhi ngathi iyisikwele.

Phezulu ishaya ngama-roof rails ukuze ukwazi ukulayisha enye impahla ngaphezulu.

Ngaphakath­i ifana nezinye izimoto zakwaHyund­ai zakamuva ngoba ishaya ngesiterin­gi esinamabha­thini okulawula umsindo, ukubamba ucingo uma ulixhume ngeBluetoo­th noma ukubheka imininingw­ane ngohambo lwakho, inetouchsc­reen engu-8 inch eveza inkombandl­ela nekhamera ngemuva uma uhlehla. Ikwazi ukudlala i-USB ne-AUX. Abashayeli abahlanu bangena khaxa kodwa izihlalo zakhona ngizizwe zinokuqina kancane.

Bengenza ngcono futhi nangokunci­phisa umsindo wenjini ngaphakath­i nomoya.

Abagibeli ngemuva bane-armrest phakathi nendawo enezikhala zokubeka izinkomish­i.

Ngasenjini­ni ingu-1.6 litre turbodiese­l edonsa ngamasondo angaphambi­li ngo-gearbox ozishintsh­ayo onamagiya ayisithuph­a. Amandla ayo angu-94 kW netorque ka-260 Nm.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-7.4 futhi engikuboni­le kuyo wukuthi uma igcwele ithi ingahamba ibanga elingaphez­ulu kuka-700km.

Ngakwezoku­phepha iphuma nama-airbag omshayeli nomgibeli ngaphambil­i kanjalo nama-curtain airbags futhi ine-Advanced Braking System (ABS) ne-Electronic Brake Distributi­on (EBD).

Ukwethulwa kwayo ngikubona kuzobasebe­nzela kwaHyundai ngoba idoba abathengi ukuthi bangene kumaSUV abo noma iphakethe lingavumi ukuthi bathenge iTucson okanye iSanta Fe. Inani Creta 1.6 Executive CRDI automatic R369 900.

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km , roadside assistance yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa