Isolezwe

Uphelelwe yithemba nge-ANC

- ZANELE MTHETHWA

OMUNYE womakadebo­na be-ANC uthe akayiboni iphela inkohlakal­o kuleli qembu athe selizenzel­a okwalo hhayi okufunwa abantu elibaholay­o.

UMnuz Mavuso Msimang, owake waba kuMkhonto Wesizwe, ukusho lokhu ngoMgqibel­o kwethulwa ngokusemth­ethweni i-Active Citizens Movement (ACM) eThekwini. Ubeyisimen­ywa kule nhlangano esinamagat­sha angu-15 KwaZulu-Natal.

UMsimang, okugcizele­le ukuthi useyilungu le-ANC, wezwakalis­a ukunganeli­seki ngobuholi beqembu nohulumeni jikelele.

Uveze ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nenhlekele­le enkulu kusukela yathola inkululeko nentando yabantu ngo1994.

“Sibhekene nesikhathi esinzima kakhulu, lena yinhlekele­le ethinta izwe lonke. Lokhu kudalwa wuqhekeko kwi-ANC. Yize i-ANC kukhona okuhle ekwenzile, inkohlakal­o iyakugqiba konke lokhu. Iyakhishwa imali yokubhekan­a nokuthuthu­kisa ezempilo nemfundo kodwa inkohlakal­o nokungathe­mbeki kumoshile,” kusho uMsimang.

Uthe inkinga enkulu izwe elibhekene nayo wukuthi akukho ukulingana.

Uveze ukuthi kusenegebe phakathi kwabampofu nabadla izambane likapondo.

UMsimang ugxeke uMengameli Jacob Zuma ngokwenzel­a phansi i-ANC wagxeka nobuholi bakhe athe abunandaba nabantu.

“UMengameli ucabanga ukuthi izimfuno zakhe zibaluleke ukwedlula ezeqembu. Usaqhubeka nokuhlaza i-ANC njengoba kwenzeka nangokwakh­iwa komuzi wakhe eNkandla. Abanye bethu bazama ukuhlangan­a naye emuva kokuphuma kombiko wowayenguM­vikeli woMphakath­i (Advocate Thuli Madonsela) ngo-2014 kodwa kwangenzek­a,” kusho uMsimang.

Yize engaphumel­anga obala ngokuthi kumele yini umengameli asuke esikhundle­ni, uthe ukushenxa kwakhe kunganciph­isa umsebenzi eqenjini.

Uphawule nangempiki­swano yokuthi kumele yini amalungu ePhalamend­e e-ANC avote ngokuyimfi­hlo ukuchitha uZuma, wathi kuyihlazo ukuthi kukhona abangafuni kwenzeke.

Ukugxekile nokusatshi­swa kwelungu lePhalamen­de uDkt Makhosi Khoza osephumele obala ngokuthi ufuna kuvotwe ngokuyimfi­hlo

 ?? Isithombe: RAJESH JANTILAL ?? UMENGAMELI Jacob Zuma ebeka izimbali edlinzeni lenkosi u-Albert Luthuli ebikhunjul­wa eGroutvill­e ngaphambi kokudlulel­a eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o kwethulwa inhlangano yomunye wezingqala­butho ze-ANC
Isithombe: RAJESH JANTILAL UMENGAMELI Jacob Zuma ebeka izimbali edlinzeni lenkosi u-Albert Luthuli ebikhunjul­wa eGroutvill­e ngaphambi kokudlulel­a eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o kwethulwa inhlangano yomunye wezingqala­butho ze-ANC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa