Isolezwe

Ngabazali okumele balawule okubukwa yizingane zabo

-

NGESONTO eledlule kuqubuke umsindo kukhalwa ngeziqephu ezigcwele ukuya kwabantu ocansini ngokwedlul­ele kwiGenerat­ions: The Legacy.

Ngale nje kweziqephu ezigcwele ukuya ocansini, abantu bebebasola ababhali bomdlalo ngokuthi umlingisi othinteka kakhulu eziqeshini ubonakala eshintshan­isa abesifazan­e. Ulala nabantu besifazane ababili alokhu eshintshan­a ngabo.

Bathi lokhu kugqugquze­la ukuthi abantu bangathemb­eki ngendlela umdlalo okuveza ngayo sengathi kuyinto enhle. Umlingisi okukhalwa ngaye ubonakala engaconsi phansi ezintokazi­ni ezimbili ezingezwa mshini ngaye.

Abalo mdlalo bazithethe­lele ngokuthi baye baxwayisa ukuthi isiqephu esizovezwa sifanelwe wukubukwa ngabantu abaneminya­ka emingaki.

Nokho i-SABC izizwile izikhalo zabantu njengoba ngoMgqibel­o zingaphind­anga iziqephu zesonto zeGenerati­ons: The Legacy zeviki eliphelile njengenhla­layenza kunalokho kudlalwe ezakudala.

Abazigxeka­yo iziqephu bazigxeka kufanele ngoba kuyaziwa ukuthi izinto ezibonakal­a kuthelevis­hini zinamandla kangakanan­i ikakhuluka­zi emqondweni wentsha.

Yize kunjalo kodwa kufanele abazali bakhumbule ukuthi kungumsebe­nzi wabo ukufundisa izingane zabo izinto okufanele zizazi ngezinto ezithinta impilo.

Okunye kungumsebe­nzi wabo ukuqapha nokulawula ukuthi izingane zibuka ini kuthelevis­hini ngokuthi bashaye umthetho ngezinto ezibukwayo noma ezingabukw­a emakhaya abo, akusiwo umsebenzi wabantu ababhala imidlalo yethelevis­hini.

Njengoba abanye ababegxeka nje babekhala ngokuthi abasakwazi ukuyibuka nezingane i-Generation­s, kuyamangaz­a ukuthi babeqale kanjani ukuyibuka nezingane ngoba ayikaze ikufanele ukubukwa nezingane.

Yebo nayo i-SABC kufanele iqikelele izinto ezikhombis­ayo njengenhla­ngano esakazela umphakathi kodwa kufanele uphele umkhuba wabantu abafuna ukuhlale besola abanye abantu nohulumeni ngokungafu­ndiseki kwezingane zabo.

Umthetho kwakho kufanele ushaywe nguwena futhi kufanele uzikhulise­le izingane zakho, uzifundise izinto okufanele zizazi ungayekele­li kwithelevi­shini nothisha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa