U-Omotoso ucela ibheyili kabusha
UZOCELA ibheyili kabusha namuhla umfundisi waseNigeria oboshelwe amacala ahlukene, okubalwa kuwo nelokudlwengula.
UMphrofethi Tim Omotoso (58), weJesus Dominion International, ubevele eNkantolo yeMantshi ePort Elizabeth ngoLwesihlanu emuva kokuba kade enqatshelwe ibheyili.
Isolezwe lithole ukuthi abameli bakhe bokuqala benkampani iMhlanga Incorporated eThekwini, ubalaxaze emuva kokunqatshwa kwesicelo sakhe sebheyili ngoJuni 9. Abameli abasivezanga isizathu sokulaxazwa kwabo ngu-Omotoso.
NgoLwesihlanu u-Omotoso utheleke nommeli omusha uMnuz James Riley. Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, ukuqinisekisile ukuthi sebezoqhubeka necala lika-Omotoso emuva kokuphuma kwabameli abadala.
“Umyalelo esiwutholile ekhasimendeni lethu wukuthi sicele ibheyili kabusha. Sinobufakazi obusha obuzoveza ukuthi kungani u-Omotoso kumele ayithole ibheyili,” kusho uRiley.
IMantshi, uNksz Sanjani Naidoo, ukwamukele ukuthi abameli bakaOmotoso baceke ibheyili kabusha.
URiley uthe mancane amathuba okuthi u-Omotoso avele siqu namuhla enkantolo ngenxa yokungabi muhle empilweni.
Uthe abameli yibo abazocela ibheyili.
Uqhube wathi ukugqunywa kukaOmotoso esitokisini kusukela ngoEphreli, sekumdalele ukhwantalala nokuba ntekenteke empilweni.
Abazalwane basaqhubeka nokumeseka enkantolo. Bafika enkantolo bephethe izingqwembe eziphikisana nokuboshwa kwakhe.
Ibandla lisanda kuthumela Isolezwe isitatimende liveza ukuthi kusazovela amaqiniso okuthi lo mphrofethi uboshelwe ubala.
Isitatimende siveze nokuthi umkakhe uNkk Taiwo Omotoso, usamile ekwesekeni umyeni wakhe anesiqiniseko sokuthi umsulwa. Umkakhe ucele ukuthi ibandla liqhubeke nokumkhulekela umfundisi ukuze aphume ejele.
U-Omotoso waboshwa ngamaphoyisa ayehlomile ngo-Ephreli esikhumulweni sezindiza e-PE.
Oklebe bathi wayezama ukubaleka kodwa abameli bakhe bakuphika lokho.
Bathi kwakuvunyelwene namaphoyisa ukuthi aziveze kuwona kuzodingidwa izinsolo ebezisabalele nakuthelevishini.
Umfundisi, odume ngokuphilisa abagulayo nokushumayela kuthelevishini, ubhekene namacala awu-22 okubalwa kuwo elokudlwengula, ukushushumbiswa kwabantu nokunukubeza ngokocansi. Inkantolo yamnqabela ibheyili ngoJuni imsola ngokuthi angase abaleke. Kuvele nokuthi ukuleli ngokungemthetho emuva kokuhlolwa kwezincwadi zakhe zokuvakasha.