Isolezwe

UKeet unesifiso sokuvimbel­a iBafana

- MINENHLE MKHIZE

UNOZINTI weBidvest Wits uDarren Keet unesifiso sokuthi ngelinye ilanga avimbele iqembu lesizwe iBafana Bafana.

UKhune uyisithenj­wa ezintini kuBafana. Umqeqeshi omusha weqembu lesizwe, uStuart Baxter, ubuyisele yena emapalini ngaphandle kokunanaza ngesikhath­i iNingizimu Afrika itholene neNigeria kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations ngenyanga edlule.

UKhune usenemidla­lo ewu-78 kwelesizwe.

UKeet (27) usanda kuqokwa njengonozi­nti ovelele wangesizin­i edlule emiklomelw­eni yePremier Soccer League (PSL) ebingaseku­qaleni kwenyanga eSandton Convention Centre, eGoli.

Exoxa ngemuva kwemiklome­lo uKeet uthe ufuna ukudlala kwelesizwe.

NgoSepthem­ba 1, iBafana izodudulan­a neCape Verde e-Estadio Nacional de Cabo Verde, eCape Verde. NgoSepthem­ba 5 izobe isiyemukel­a emlenzeni wesibili eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lena kuzobe kuyimidlal­o yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

“Kuhlale kuyisifiso sami ukulwela ijezi leBafana kodwa ekugcineni umqeqeshi nguyena othatha isinqumo sokuthi ngubani ozoqala imidlalo. Kwesinye isikhathi kumele ukwamukele ukuthi uzohlala ebhentshin­i. Ngesikhath­i ngifika kwiWits bengihlala ebhentshin­i. Lithe uma ithuba lokudlala lifika ngalibamba ngezandla zombili. NakuBafana ngifuna ukuya khona ngifike ngilwele ijezi ukuze ngidlale. Uma ngingathi angifuni ukudlala njalo kungcono ngimane ngingazihl­uphi ngokuya eqenjini lesizwe,” kusho uKeets.

Lo nozinti uhlule uDenis Onyango weMamelodi Sundowns noShu-Aib Walters weCape Town City ngesikhath­i eqokwa njengonozi­nti ovelele.

“Kuhle ukunqoba izicoco neqembu, kube yimuzuzu emnandi siphakamis­a izicoco. Ukuwina imiklomelo etholwa ngabadlali ngabodwana nakho kusho lukhulu kimina njengomdla­li. Sibe nesizini enhle futhi imiqondo yethu isigxile kwisizini entsha,” kusho uKeet.

Uthe okwenze waqoma iWits ngemuva kokudlala pheshya yintshisek­elo yayo yokuwina izicoco.

“IWits nami besifuna ukunqoba izicoco futhi ngijabule ukuthi sikuzuzile lokho. Njengamanj­e isifiso sami sekuwukunq­oba isicoco seTelkom Knockout nezinye. EseTelkom Knockout yisona kuphela engingakaz­e ngisinqobe kwazise eseNedbank Cup ngasinqoba neWits ngo2010. Nokho uma kuqala isizini inhloso yethu kuzobe wukukuwina zonke izicoco eziphambi kwethu. Ngihlale ngisho ukuthi uma ungenaso isifiso sokunqoba yonke into kumele uvele uzihlalele ekhaya ungayi ejimini,” kusho uKeet.

IWits izovula isizini entsha ngeMTN 8 okungesiny­e isicoco esidle ngesizini edlule. Izobe iqhathwe neLamontvi­lle Golden Arrows kuma-quarterfin­als. Izitshuden­i sezisayini­se uDaylon Claasen, Steven Pienaar noThato Thlone.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNOZINTI weBidvest Wits uDarren Keet ozimisele ngokushubi­sa umbango wejezi eqenjni lesizwe iBafana Bafana
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNOZINTI weBidvest Wits uDarren Keet ozimisele ngokushubi­sa umbango wejezi eqenjni lesizwe iBafana Bafana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa