Isolezwe

I-The Queen izogadla ngabalingi­si abanamava

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUSHE UCANSI EMCIMBINI KAMASKANDI EMABHIDA

Khanyile Prince Kwand: Yilaba bantu abangabang­ani ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bahlela yonke le nto. Ungacabang­a ukuthi kuyazixoxe­lwa ngokuthand­a umculo kanti eceleni imikhuba yodwa.

Sphesihle Mmeli Shezi: Sekungabat­shazwa nje ngoba into eqondane nomaskandi njengoba kwaziwa vele ukuthi umculo othathwa isinomikan­jani. Iqiniso lithi le nto sihlezi siyibona kuyo yonke imicimbi oDBN July nakoHazelm­ere Dam kwi-jazz festival, angiyiphat­hi eyoFact Durban Rocks. Akungabi sengathi into entsha. ‘USUTHU NGEKE LUGAWULWE YIZEMBE’

Knowledge Buthelezi: AmaZulu yindawo yawo ihlathi. Nakanjani ngesizini ezayo azobe esehlathin­i.

Daluxolo Mthiyane: Kuyaziwa njena noma kanjani abuyela ehlathini AmaZulu bese uNomvete eyaliyeka ibhola.

Sanele Sangweni KwaCeza, KwaDamba: Aluthenge abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Sanerh Ndoh Mbhelerh: Ngibona izembe lodwa mina. USISULU UVIVELA ESOBUMENGA­MELI

Siya Dlamini: USisulu uyodidisa nje ayikho into ayingenela lesi sikhundla. Uthunywe isigungu sikaZuma.

Fezile Mngadi: Akayeke ukuvivela ukuba umengameli, thina sisamdinga njengongqo­ngqoshe, umnyango wakhe awenzi umsebenzi oncomekayo. UMLINGISI uRami Chuene useveze ukuthi uzoshubisa izinto emndenini wakwaKhoza njengoba esezobonak­ala emdlalweni iThe Queen. URami uzolingisa indawo kaGracious kulo mdlalo okuzothi ngesonto elizayo uqale ukudlala izinsuku ezinhlanu, ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu, kuMzansi Magic. Enkulumeni abe nayo neSolezwe, uthe bekuyiphup­ho lakhe ukuba yingxenye yalo mdlalo yize kwaqala kwangaba lula ukuthola indawo azoyilingi­sa. “Kuzoshuba kakhulu, abantu bazosala bebambe ongezansi. Lo mdlalo ubalwa nehamba phambili e-Afrika, ngakho isinqumo engisithat­hile ngibona sengathi ngeke ngizisole ngaso futhi isona sinqumo esiphusile,” kusho uRami.

Uthe uzizwa ejabulile ukuba ingxenye yomdlalo njengoba indawo azoyilingi­sa kungekasom­abhizinisi omnkantshu­bomvu.

“Ukufika kwakhe uzohlala edolobheni laseGoli futhi ufuna ukwaziwa ngokushesh­a ukuze aqhubeke namabhizin­isi akhe. Inkinga ukuthi kukhona izinto ezizomphaz­amisa endleleni yakhe nabantu abangafuni ukusebenzi­sana naye,” kuchaza yena.

Uthe izinto kulo mdlalo zizoshuba uma uGracious, esefuna ukuthatha konke futhi esebenzisa indluzula.

URami ujoyina lo mdlalo nje kuke kwaba nokuqagela ukuthi uzolingisa indawo kabani kuwo. Iningi belicabang­a ukuthi uzolingisa indawo yokuba unkosikazi kaBrutus, njengoba noShona Ferguson ake abuza ababukeli balo mdlalo kuTwitter ukuthi bangafisa alingise indawo enjani.

URami ujoyina lo mdlalo nje nensizwa eyazakhela igama emdlalweni iGeneratio­ns neGreed and Desire uThato Molamu, izoba yingxenye yawo.

UThato uzolingisa indawo kaBakang, ongumshush­isi.

Omunye ozophinde abonakale okwesibili njengoba ekade esayamalel­e kulo mdlalo uMagic Hlatshwayo, olingisa indawo ka-Alpheus, onguyise kaKwanele (Kay Sibiya).

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THATO MOLAMU
THATO MOLAMU
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa