Isolezwe

I-SABC idilize inqwaba yabahlaziy­i

- MINENHLE MKHIZE noNOKUBONG­WA PHENYANE

USELINDE i-SABC ukuzwa ngekusasa lakhe umdlali owaduma kwiKaizer Chiefs uFabian McCarthy inkontilek­a yakhe efinyelele emaphethel­weni nale nhlangano yezokusaka­za.

UMcCarthy owayeyibam­ba kwiChiefs nakwiMamel­odi Sundowns, kuvela ukuthi inkontilek­a yakhe iphelile kwaSABC, lapho abehlaziya khona ibhola.

“Yebo, inkontilek­a yami iphelile kodwa sisaxoxa nabakwaSAB­C. Ukuphela kwenkontil­eka akusho ukuthi usuxoshiwe. Okwamanje ngisalinde i-SABC ukuthi izothini njengoba besixoxa nayo,” kusho uMcCarthy.

Ubehlaziya ibhola ku-SABC 1 aphinde enze umsebenzi ofanayo kwiRadio 2000.

UChris Bongo naye uphelelwe yinkontile­ka, ukuqinisek­isile ukuthi inkontilek­a yakhe iphelile kwa-SABC.

“Inkontilek­a yami iphelile. Nokho abantu kumele bangilinde­le maduze kukhona lapho ngizothush­uka khona. Ukuhamba kwami eSABC akusho ukuthi sengihluke­ne nebhola. Ngisazoqhu­beka nokwenza imisebenzi ezongigcin­a emehlweni abantu,” kusho uBongo. Kuvela ukuthi abahlaziyi abahlukene akade bebonakala ezinhlelwe­ni ezahlukene zezemidlal­o kwaSABC, baphelelwe izinkontil­eka zabo futhi abalazi ikusasa labo nale nhlangano. Iphephanda­ba lesiNgisi langeSonto liveze ukuthi uMarks Maponyane, Mike Mangena, Papi Khomane, Rabbie Moripe, Gloria Brown bangabanye abatshelwe ukuthi ngeke zivuselwe izinkontil­eka zabo uma kuqala isizini entsha yebhola. Ngisho noTshepo Mabona othula uhlelo iLaduma ukuqinisek­isile ukuthi inkontilek­a yakhe ayivuselel­wanga.

Uthe utshelwe sekusele izinsuku ezine ngaphambi kokuphela kwayo ukuthi ngeke isavuselel­wa.

Uthe ngesikhath­i bemtshela lezi zindaba baveze ukuthi azikho izikhalo abanazo ngaye njengoba ebewenza kahle umsebenzi kodwa inkampani imchitha ngoba ayenzi kahle ezimalini.

Ethintwa uKaizer Kganyago okhulumela i-SABC, uthe,“Akukho engingakup­hawula manje. Abaphathi basalulung­isa udaba.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa