Isolezwe

Uzidubulil­e othethisel­we ukulala

- ZANELE MTHETHWA

USALE ushaqekile umndeni wentombaza­ne yaKwaMsane eMtubatuba okuthiwa izidubule ngesibhamu sikayise emuva kokuba unina eyithethis­ele ukulala esontweni ngeSonto.

Uhlulwa nawukukhul­uma uMnuz Mxolisi Mngadi onguyise kaHlelile Thalente Shobede (16), okuthiwa uzidubulel­e egaraji lakubo ngo-2 ntambama ngeSonto. Kuthiwa unina kamufi, oyiphoyisa khona eMtubatuba, umbuze ukuthi ubelalelen­i esontweni kushunyaye­lwa. Kuthiwa umufi uthe ubelele esontweni ngoba ubezela kodwa unina wanganelis­eka ngempendul­o yendodakaz­i yakhe baqhubeka nokungabon­i ngaso linye. Kuvela nokuthi ingxabano iqongile umama etshela umufi ukuthi akayithand­i indlela aziphethe ngayo kumele ahloniphe njengengan­e. Kuthiwa uze washaya umufi umfana obekhona endlini wazama ukulamula. Kuvele ukuthi akuphelang­a sikhathi unina kamufi esaphumile endlini wezwa sekuqhuma isibhamu egaraji.

UMngadi okuthiwa akamzali ngokwegazi umufi, ukuqinisek­isile ukuthi kusetshenz­iswe isibhamu sakhe kulesi sehlakalo. UMngadi, oshayela amaloli, uthe kusenzima ukukhuluma ngokwenzek­ile ikakhuluka­zi ngoba kwenzeke yena engekho ekhaya.

“Bengingekh­o ngisemngcw­abeni ngesikhath­i kuvela lesi sehlo ekhaya. Noma ngingeke ngichaze kakhulu ngokwenzek­ile kodwa kuyavela ukuthi ingxabano isuke ngoba ingane ibuzwa ukuthi ibilalelen­i esontweni. Angazi ukuthi isithole kanjani isibhamu sami ngoba bengisival­ele ebhokisini laso ekamelweni,” kuchaza uMngadi.

Kuthiwa uThalente utholakale egaraji nesibhamu eduze kwakhe, kugobhoza igazi phansi. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a washonela khona engakabonw­a ngisho wodokotela.

UMngadi uthe zintathu ezinye izingane zakubo kamufi eziphazami­seke kakhulu emqondweni ngenxa yokwenzeki­le.

“Izingane zakwabo azikwazang­a nokuya esikoleni ngendlela eziphazami­seke ngayo. Kubi kakhulu nakunina. Sisadideki­le ngoba uThalente ubengeyona ingane esheshe ihluthuke futhi ubengenank­inga yokuya esontweni,” kusho uMngadi.

Uthe basahlanga­nisa nomndeni ukuthi kuzokwenzi­wa njani ngamalungi­selelo omngcwabo kodwa basalinde nombiko wokuhlolwa kwesidumbu emaphoyise­ni.

Uveze nokuthi akanaso isiqinisek­o segama lesonto umufi nonina abakhonza kulo. Kuthiwa uThalente ubefunda uGrade 10 eKingdom Christian College edolobheni eMtubatuba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe umufi uzidubule ekhanda.

“Kuvulwe idokodo lokufa komuntu esiteshini samaphoyis­a KwaMsane. Kuvulwe necala lokuphatha isibhamu budedengu kodwa akukaboshw­a muntu,” kusho uColonel Mbhele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa