Isolezwe

Kubulawe umfana kuntshonts­hwa kubo

- ZANELE MTHETHWA

USUKU obekumele lube yinjabulo kumfundi obeyohaya inkondlo kuvulwa izikole izolo, lube muncu emndenini wakhe emuva kokudutshu­lwa kubo ngeSonto.

U-Ayabonga Ngobese (10) obefunda uGrade 5 eBerg Street Primary, eMgungundl­ovu, utholakale edutshuliw­e kubo eMbali ebuya enkonzweni kasontosik­ole. Kunzima ukwamukela kunina uNksz Nozipho Ngobese ukuthi ayisekho indodana yakhe ebinguziny­obulala.

Utshele Isolezwe ukuthi indodana yakhe yaqala ngoMgqibel­o ukuzilungi­selela isikole.

“Wangicela ukuthi ngimsize ukumkhumbu­zisa inkondlo obekumele ayisho esikoleni. Ubekujahil­e ukubuyela esikoleni ngoba ngimfice esezigunde isitayela, ngamgunda zonke izinwele ngisaba ukuthi kuzothethw­a esikoleni,” echaza.

Kuthiwa u-Ayabonga waphuma kubo eya kusontosik­ole ekuseni, engeke alingene isonto elikhulu.

“Sihlangane naye esebuya, thina sisaya esontweni nomama. Ngize ngamkhumbu­za ukuthi akhiye esangweni. Sesibuya ngibone isango nasendlini kuvuliwe, ngaze ngamemeza ngibuza ukuthi akakhiyang­a ngani. Ngizithele kuyena elele phansi ekhihliza amagwebu,” kusho uNksz Ngobese.

Uthe bamphuthum­ise esibhedlel­a batshelwa udokotela ukuthi unenxeba lokudutshu­lwa futhi useshonile. UNksz Ngobese uthe endlini kwebiwe amateku nezikhwama ezimbili zemali nesinye esikhulu okusolwa ukuthi umsolwa ubeqoqa ngaso. Umndeni wakhe usadidekil­e ukuthi kungani umsolwa engagcinan­ga ngokweba kodwa angayidubu­li ingane. NgeSonto ebusuku umphakathi waseMbali ushise amathayi ubhikishel­a ukubulawa kwale ngane, osekufake itwetwe.

Othisha nabafundi baseBerg Street bathunyele­lwe umbiko ngokushona kuka-Ayabonga.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuphenywa icala lokubulala elenzeke ngezithuba zabo 2 ntambama.

“Umfanyana utholakale nenxeba lokudutshu­lwa esifubeni ekamelweni likagogo wakhe. Asaziwa isizathu sokubulawa kwakhe,” kusho uColonel Mbhele.

Kwesinye isigameko kuboshwe abasolwa abathathu ngoLwesihl­anu ngecala lokubulala umfundi waseNsuze, eNdwedwe. Basolwa ngokubulal­a uNqubeko Ngubane (19), obefunda uGrade 12 eQalakabus­ha Secondary. Kuthiwa lo mfundi wadutshulw­a ekhanda ngoJulayi 1 kuphangwa kubo. Omunye wabasolwa kuthiwa uyingxenye yeqembu lezigebeng­u ezihlalise lubhojozi umphakathi wakwaDeda. Bekulindel­e ukuthi avele izolo eNkantolo yeMantshi KwaMaphumu­lo kanti ababili aboshwe nabo basaphenyw­a ngamaphoyi­sa, basagcinwe ezitokisin­i.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-AYABONGA Ngobese odutshulwe ngeSonto kubo ephuma kusontosik­ole, okusolwa ukuthi umsolwa ubezokweba kubo
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-AYABONGA Ngobese odutshulwe ngeSonto kubo ephuma kusontosik­ole, okusolwa ukuthi umsolwa ubezokweba kubo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa