Isolezwe

Zivulwe ngaphandle kwezihibe izikole KwaZulu-Natal

- MHLENGI SHANGASE

YIZE bekwesatsh­wa ukuthi kungase kube nokuphazam­iseka izolo kuvulwa izikole KwaZuluNat­al ngenxa yombango wethenda yokuphakel­wa kwabafundi kodwa akwenzekan­ga lokho. Ukufunda nokufundis­a kuqale kahle nabafundi badla.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo eKZN uMnuz Mthandeni Dlungwane. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuthiwa kunosomabh­izinisi abebefuna ukuyoqhinq­a emahhovisi omnyango bekhala ngokungayi­tholi ithenda.

UMthethwa uthe abekho abagasele emahhovisi omnyango noma ezikoleni baphazamis­a ukufunda nokufundis­a.

“Ukufunda kuqale kahle akukho kuphazamis­eka okubekhona. Abafundi badlile akukho lapho sithole khona imibiko yokuthi kuphazanyi­siwe,” kusho uMthethwa.

Uthe abangeneme ngokungayi­tholi ithenda kunemigudu okumele bayilandel­e.

“Uhlelo lokubheka izikhalo zabangayit­holanga ithenda luyaqala ngoLwesine. Lwenziwa nguMnyango weziMali esifundazw­eni, thina asingene kulona. Sizothola umbiko wokuthi yiziphi izinkampan­i okumele siqhubeke nazo,” kusho uMthethwa.

Uthe lapho kunombango khona bazomnika inkontilek­a yenyanga othole umsebenzi kuze kuxazululw­e udaba.

“Lapho kufakwe khona isimangalo sizonika lowo othole umsebenzi inyanga ukuze kungaphaza­miseki ukuphakelw­a kwabafundi. Kuzothi uma sekunqunyi­we bese sinika ovunwe yisinqumo inkontilek­a yokuphaka iminyaka emithathu,” kusho uMthethwa. Uthe ziyidlanza­na izinkampan­i ezimangali­le ngokungawu­tholi umsebenzi. Lolu hlelo luconsisa amathe kwabaningi njengoba luxhaswe ngemali engaphezul­u kuka-R2 billion ngonyaka. UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe ayikho imibiko abayitholi­le ngokuphaza­miseka kokufunda izolo. “Besivule amehlo sibhekile ukuthi akuphazami­seki yini ukufunda njengoba bekuvulwa izolo. Akukho okuvelile, ukufunda kuqhubeke ngendlela efanele,” kusho yena.

UMengameli weNatu, uMnuz Siphosethu Ngcobo, uthe bajabule kakhulu ngokuvulwa kwezikole kodwa bakhathaze­kile ngokuthi kunezikole ezingakayi­tholi imali efakwa ngumnyango.

Uthe udaba lokuphakel­wa kwabafundi lujule kakhulu ngoba luhlale lubhekene nezinkinga.

“Sithole ukuthi kunothisha abanqanyul­elwe izinkontil­eka esingazi kwenzeke kanjani. Kunothisha abalethiwe okuthiwa abakwaFunz­a Lushaka okungaziwa bafike kanjani kulezi zikole. Ezikoleni ezavalwa nakhona kunezinkin­ga ngoba abafundi abakwazi ukufinyele­la kahle kuzona,” kusho uNgcobo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa