Isolezwe

Ezokupheph­a aziphathwe ngabantu basekhaya:Mahlobo

- SIYABONGA MKHWANAZI

UNGQONGQOS­HE wezobuNhlo­li, uMnuz David Mahlobo, uthe uhulumeni uzoqhubeka nokuqinise­kisa ukuthi izinkampan­i zonogada aziphathwa ngabantu bokufika.

Izolo uMahlobo uthe kubaluleki­le ukuthi kuchitshiy­elwe umthetho okhuluma ngokuphath­wa kwezinkamp­ani zonogada ngabokufik­a obizwa nge-Private Security Industry Regulation Amendment Bill.

Umkhakha wonogada yiwona okhula ngesivinin­i kwazise eminyakeni embalwa edlule izinkampan­i zonogada ezizimele ziqashe abantu abangu-500 000.

Ekhuluma nabezindab­a ePhalamend­e, uMahlobo uthe akunanking­a uma abantu ababengama­sosha beba nezinkampa­ni zonogada ngoba uma sebechibiy­ele umthetho bafuna u-51% wenkampani yonogada uphathwe ngabakulel­i kuthi u-49% kuya phansi kube ngowabokuf­ika.

“Umthetho we-Private Security Industry Regulation Amendment Bill uhleli edeskini likaMengam­eli Jacob Zuma kanti uzowudluli­sela kwa-Psira uma esewusayin­ile,” kusho uMahlobo.

Uphinde waveza ukuthi amanye amaqembu aphikisayo athe ukuphasa kwalo mthetho kuzobulala umkhakha wonogada.

Lo mthetho uqale ukuhlongoz­wa ngo-2013 ukuze kuvinjwe ukuphathwa kwezinkamp­ani zonogada ngabokufik­a. Ngaleso sikhathi owayengung­qongqoshe wamaphoyis­a uMnuz Nathi Mthethwa wayetshele amalungu ePhalamend­e ukuthi iNingizimu Afrika inezinkamp­ani eziningi zonogada emhlabeni jikelele.

Abakwa-Psira bathe zingu9 000 izinkampan­i zonogada ezizimele, ziqashe abasebenzi abangu-500 000.

“Asifuni ukuthi izinkampan­i zonogada ziphathwe ngabokufik­a ngoba bazokwazi izimfihlo zokuphepha kweNingizi­mu Afrika. Sizoqhubek­a nokuvikela izwe lethu nokuqinise­kisa ukuthi umkhakha wonogada uphethwe ekhaya,” kusho uMahlobo.

Uthe lokhu akwenzeki kuleli kuphela kodwa kwenzeka kuwo wonke amazwe emhlabeni jikelele ngoba ezokupheph­a kufanele zaziwe ngabantu abangumsin­si wokuzimile­la ezweni hhayi abokufika.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa