Kuhlehle icala ‘lowagila’ izingane
KUZOQHUBEKA kusasa eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ukulalelwa kwamacala abhekene nendoda esolwa ngokudlwengula izingane ezingu-13 ezineminyaka engaphansi kwengu-10 enzeke ngonyaka odlule.
Umsolwa oneminyaka engu-35, igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi becala, ubevele kule nkantolo izolo. Ubhekene namacala angu-13 okudlwengula izingane ezineminyaka ezingaphansi kuka10 okuthiwa uwenze ngonyaka odlule eLousaine, ePort Shepstone lapho ebehlala khona.
Kuthiwa ingane encane kunazo zonke ezikulolu hla lwabagilwa, ngusana olunezinyanga eziyisithupha.
Kuthiwa ithumba libhoboke ngoAgasti nyakenye ngesikhathi unina womgilwa oneminyaka eyisithupha etshelwa yingane yakhe ngesikhathi elungiselela ukuya emsebenzini ukuthi iyesaba ukusala ngoba uma bevakashe kwamfundisi (umsolwa) ugibela phezu kwabo.
“Ngemuva kokuzwa lokho nginikele kwakhe ngiyoqinisekisa ukuthi ngabe ngempela le nto eshiwo yingane iyiqiniso yini. Umphakathi ubize amaphoyisa umsolwa waboshwa,” kusho unina womgilwa.
Kuvela ukuthi kukhona abagilwa abayisithupha abahlukumeza ngosuku olulodwa ebavalele
endlini. “Ubezithembisa ukuzinika o-R2 athi azithule zingasho. Ezinye zithi ubezithuma endlini bese eyazilandela. Mina ngimazi engumuntu obeyikholwa ngesikhathi esanda kufika kule ndawo, ngashaqeka sengizwa lezi zindaba kwazise ungumuntu othembekile,” kuqhuba unina womgilwa. Kuthiwa phakathi kwezingane ezike zahlukunyezwa ngokocansi kukhona egcine ngokukhubazeka ngenxa yalesi simo. Umsolwa ungaphakathi njengoba anqatshelwa ibheyili.