Isolezwe

Kuhlehle icala ‘lowagila’ izingane

- KHULEKANI MASEKO

KUZOQHUBEK­A kusasa eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ukulalelwa kwamacala abhekene nendoda esolwa ngokudlwen­gula izingane ezingu-13 ezineminya­ka engaphansi kwengu-10 enzeke ngonyaka odlule.

Umsolwa oneminyaka engu-35, igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi becala, ubevele kule nkantolo izolo. Ubhekene namacala angu-13 okudlwengu­la izingane ezineminya­ka ezingaphan­si kuka10 okuthiwa uwenze ngonyaka odlule eLousaine, ePort Shepstone lapho ebehlala khona.

Kuthiwa ingane encane kunazo zonke ezikulolu hla lwabagilwa, ngusana olunezinya­nga eziyisithu­pha.

Kuthiwa ithumba libhoboke ngoAgasti nyakenye ngesikhath­i unina womgilwa oneminyaka eyisithuph­a etshelwa yingane yakhe ngesikhath­i elungisele­la ukuya emsebenzin­i ukuthi iyesaba ukusala ngoba uma bevakashe kwamfundis­i (umsolwa) ugibela phezu kwabo.

“Ngemuva kokuzwa lokho nginikele kwakhe ngiyoqinis­ekisa ukuthi ngabe ngempela le nto eshiwo yingane iyiqiniso yini. Umphakathi ubize amaphoyisa umsolwa waboshwa,” kusho unina womgilwa.

Kuvela ukuthi kukhona abagilwa abayisithu­pha abahlukume­za ngosuku olulodwa ebavalele

endlini. “Ubezithemb­isa ukuzinika o-R2 athi azithule zingasho. Ezinye zithi ubezithuma endlini bese eyazilande­la. Mina ngimazi engumuntu obeyikholw­a ngesikhath­i esanda kufika kule ndawo, ngashaqeka sengizwa lezi zindaba kwazise ungumuntu othembekil­e,” kuqhuba unina womgilwa. Kuthiwa phakathi kwezingane ezike zahlukunye­zwa ngokocansi kukhona egcine ngokukhuba­zeka ngenxa yalesi simo. Umsolwa ungaphakat­hi njengoba anqatshelw­a ibheyili.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa