Isolezwe

Ucela ukuthandaz­iswa uDkt Khoza

- MCEBO MPUNGOSE

ILUNGU le-ANC ePhalamend­e uDkt Makhosi Khoza, selicele ukukhuleki­swa njengoba namhlanje kungenzeka libekwe icala yi-ANC ngezinsolo zokudicile­la phansi isithunzi senhlangan­o.

Ukuthweswa kwakhe icala yingenxa yokugxeka esidlangal­aleni uMengameli Jacob Zuma enxusa nokuthi ehlele esikhundle­ni. Ngemuva kokuphinda inkulumo ethi uZuma akehle esikhundle­ni, emcimbini wokukhumbu­la uDkt Nelson Mandela ngeledlule, i-ANC KwaZulu-Natal yathi uzoqondisw­a ubugwegwe.

Ebhala ekhasini lakhe kuFacebook uDkt Khoza, uthe ukholelwa kwi-ANC nohulumeni olalela abantu.

“Ngikholelw­a kuhulumeni wabantu, lapho abaholi be-ANC bezokwazi ukuhlangan­a badingide ukuthi ubani ozokhethwa ukuhola nokuthi ubani ozosuswa. Kulokhu kuyacaca ukuthi kubusa inkohlakal­o,” kusho uDkt Khoza.

Uveze ukuthi abaholi bamaqembu eyimifelan­dawonye nabo sebecele okufanayo, ukuthi uZuma asuswe esikhundle­ni. Uthe inkohlakal­o yisona sizathu esihamba phambi ngokugqoza kwentuthuk­o emazweni ase-Afrika, nokuyinto ezomenza aqhubeke alwe.

“Namhlanje ngokwazi kwami i-ANC KwaZulu-Natal, le esazovela enkantolo ngezinsolo zokupheka imiphumela yokhetho, izongibeka icala ngoba angifuni ukufa ngithule,” kusho yena.

Ugcizelele ukuthi akeseki amaqembu aphikisayo kodwa weseka ubulungisw­a obufunwa ngabantu bakuleli.

“Ningithand­azise bazalwane. Ngibhekene noSathane ngqo. Inzima le mpi. Sengimema nabo oBhambatha kaManciza, Sekhukhune, Moshoeshoe, Shaka kaSenzanga­khona, Mkabayi kaJama, DiniZulu. Ningathuli,” kuphetha yena.

 ?? Isithombe:BONGANI SHILUBANE ?? U-ADVOCATE Busisiwe Mkhwebane uthi ubheka ukuthi ngabe kwakufanel­e yini ukuthi uMnuz Brian Molefe athole u-R30 million agixabezwa ngawo kwa-Eskom
Isithombe:BONGANI SHILUBANE U-ADVOCATE Busisiwe Mkhwebane uthi ubheka ukuthi ngabe kwakufanel­e yini ukuthi uMnuz Brian Molefe athole u-R30 million agixabezwa ngawo kwa-Eskom
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa