‘Kusazoqhubeka ukuphucwa kwezifunda ze-ANC amandla’
UKUPHUCWA amandla kwezifunda ze-ANC kusazoqhubeka, lokhu kushiwo abahlaziyi bepolitiki emuva kokuphucwa amandla kwezifunda ezintathu zaKwaZuluNatal. Izifunda eziphucwe amandla yi-Lower South Coast okwenzeke ngeSonto, Far North ne-Harry Gwala ngoba kuthiwa abaholi bakhona basolwa ngomkhonyovu wokukokotela ubulungu bamalungu ezifunda zabo. UMnuz Thabani Khumalo ongumhlaziyi wepolitiki, uthe akumthusi ukuphucwa amandla izifunda zaKwaZulu-Natal ngoba yinto ejwayele ukwenzeka uma kuyiwa engqungqutheleni. “Zonke izifundazwe ziyayenza le nto uma kuyiwa okhethweni. Uma ubuholi besifundazwe bungaboni ngasolinye namagatsha aye aphucwe amandla. Akhona amahlebezi okuthi amagatsha aphucwe amandla ngoba ehamba nohlangothi oluthile. Ukuphucwa amandla kwezifunda kunobungozi bokuqhubezela phambili uqhekeko olukhona kwi-ANC,” kusho uKhumalo.
Uthe kudala bekuba ngamagatsha akhetha abaholi kodwa manje kuba wubuholi besifundazwe obuza nabantu bese kuyalelwa amagatsha ukuthi akhethe bona.
“Uma kukhona amagatsha angahambisani nohlu oluphakanyiswe wubuholi besifundazwe avamise ukuphucwa amandla. Kuyingozi lokhu ngoba abantu abangahambisani namagama aphakanyisiwe bazibona bekhishelwa ngaphandle bese kuqhubeka uqhekeko. Miningi imikhuba ezokwenziwa njengoba kuyiwa engqungqutheleni okubalwa nokungakhishwa kobulungu be-ANC kwezinye izifunda ukuze kulawulwe izibalo zamalungu,” kusho uKhumalo.
Uthe uma iqhubeka le mikhuba, iphupho lokubumba i-ANC lizohlala liyiphupho ngeke lifezeke.
Omunye umhlaziyi uMnuz Protas Madlala uvumile ukuthi izehlakalo ezifuze lezi zisazoba khona kulesi sifundazwe njengoba kubhekwe engqungqutheleni.
“Abantu abenza lokhu basuke befuna amandla okunqinda labo abababona bengaphumelela. Ziningi ezinye esisazozibona njengoba ngoDisemba kuyiwa eGoli,” kusho uMadlala.
Uthe noNobhala Jikelele uMnuz Gwede Mantashe wakubalula embikweni wakhe ukuthi maningi amagatsha akokotela izibalo zamalungu.
“Washo ukuthi amalungu ayathengwa. Uthola ukuthi abantu bazothengelwa ubulungu ekubeni bengekho.
Akusona kuphela lesi sifundazwe esibhekene nale nkinga kodwa nezinye zibhekene nenkinga efanayo,” kusho uMadlala.
Ekuqaleni kwenyanga uMantashe uthe iningi inkohlakalo kwi-ANC njengoba amalungu ethengwa.
Wathi kuzodingeka kwenziwe inhlolovo yamalungu ngoba ziningi izifundazwe ezithintekayo.