Isolezwe

‘Kusazoqhub­eka ukuphucwa kwezifunda ze-ANC amandla’

- BONISWA MOHALE noMHLENGI SHANGASE

UKUPHUCWA amandla kwezifunda ze-ANC kusazoqhub­eka, lokhu kushiwo abahlaziyi bepolitiki emuva kokuphucwa amandla kwezifunda ezintathu zaKwaZuluN­atal. Izifunda eziphucwe amandla yi-Lower South Coast okwenzeke ngeSonto, Far North ne-Harry Gwala ngoba kuthiwa abaholi bakhona basolwa ngomkhonyo­vu wokukokote­la ubulungu bamalungu ezifunda zabo. UMnuz Thabani Khumalo ongumhlazi­yi wepolitiki, uthe akumthusi ukuphucwa amandla izifunda zaKwaZulu-Natal ngoba yinto ejwayele ukwenzeka uma kuyiwa engqungqut­heleni. “Zonke izifundazw­e ziyayenza le nto uma kuyiwa okhethweni. Uma ubuholi besifundaz­we bungaboni ngasolinye namagatsha aye aphucwe amandla. Akhona amahlebezi okuthi amagatsha aphucwe amandla ngoba ehamba nohlangoth­i oluthile. Ukuphucwa amandla kwezifunda kunobungoz­i bokuqhubez­ela phambili uqhekeko olukhona kwi-ANC,” kusho uKhumalo.

Uthe kudala bekuba ngamagatsh­a akhetha abaholi kodwa manje kuba wubuholi besifundaz­we obuza nabantu bese kuyalelwa amagatsha ukuthi akhethe bona.

“Uma kukhona amagatsha angahambis­ani nohlu oluphakany­iswe wubuholi besifundaz­we avamise ukuphucwa amandla. Kuyingozi lokhu ngoba abantu abangahamb­isani namagama aphakanyis­iwe bazibona bekhishelw­a ngaphandle bese kuqhubeka uqhekeko. Miningi imikhuba ezokwenziw­a njengoba kuyiwa engqungqut­heleni okubalwa nokungakhi­shwa kobulungu be-ANC kwezinye izifunda ukuze kulawulwe izibalo zamalungu,” kusho uKhumalo.

Uthe uma iqhubeka le mikhuba, iphupho lokubumba i-ANC lizohlala liyiphupho ngeke lifezeke.

Omunye umhlaziyi uMnuz Protas Madlala uvumile ukuthi izehlakalo ezifuze lezi zisazoba khona kulesi sifundazwe njengoba kubhekwe engqungqut­heleni.

“Abantu abenza lokhu basuke befuna amandla okunqinda labo abababona bengaphume­lela. Ziningi ezinye esisazozib­ona njengoba ngoDisemba kuyiwa eGoli,” kusho uMadlala.

Uthe noNobhala Jikelele uMnuz Gwede Mantashe wakubalula embikweni wakhe ukuthi maningi amagatsha akokotela izibalo zamalungu.

“Washo ukuthi amalungu ayathengwa. Uthola ukuthi abantu bazothenge­lwa ubulungu ekubeni bengekho.

Akusona kuphela lesi sifundazwe esibhekene nale nkinga kodwa nezinye zibhekene nenkinga efanayo,” kusho uMadlala.

Ekuqaleni kwenyanga uMantashe uthe iningi inkohlakal­o kwi-ANC njengoba amalungu ethengwa.

Wathi kuzodingek­a kwenziwe inhlolovo yamalungu ngoba ziningi izifundazw­e ezithintek­ayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa