Isolezwe

UMkhwebane uphenya ngoMolefe

-

UMVIKELI womphakath­i, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, uphenya udaba lokunikezw­a kowayeyisi­khulu sakwa-Eskom, uMnuz Brian Molefe, u-R30 million emuva kokuthatha umhlalapha­nsi isigubhuka­ne ngonyaka odlule.

Encwadini ebhalelwe i-DA izolo, ihhovisi lika-Advocate Mkhwebane livumile ukuthi liphenya udaba emuva kokucelwa yi-DA ukuthi aphenye ngokunikwa kukaMolefe u-R30 million yize ephathe kwaEskom izinyanga eziwu-18 kuphela.

UNkk Natasha Mazzone oyilungu le-DA ePhalamend­e uthe akulungile ukuthi uMolefe anikwe imali engaka ekubeni kusolakala ukuthi unobudlelw­ano obunenkohl­akalo nabakwaGup­ta.

“Asazi ukuthi ubongwa ngokwenza umsebenzi omuhle noma ubongwa ngokufaka abangani bakhe bakwa-Gupta kumathenda akwa-Eskom. Okubuhlung­u wukuthi u-R30 million anikezwa wona uzophuma kubakhokhi bentela. UMolefe akufanelan­ga athole ngisho usheleni kumele awubuyise lo-R30 million awunikezwa kwa-Eskom,” kusho uNkk Mazzone.

Uthe akulungile ukuthi kucetshisw­e abantu abanemali eningi futhi abaxhaphaz­a izinsiza zombuso.

UNkk Mazzone uthembise abantu ukuthi i-DA izoqhubeka nokulwa nenkohlaka­lo eyenzeka kwaEskom ngoba abantu baseNingiz­imu Afrika abasebenza kanzima bagcina sebekhokhe­la izikhulu ezinomhobh­olo.

“Imali yabakhokhi bentela kufanele isetshenzi­selwe ukuthuthuk­isa impilo yabantu bakuleli hhayi ukukhokhel­a izikhulu ezicebile futhi ezinobudle­lwano obunenkohl­akalo nomndeni wakwaGupta,” kusho uNkk Mazzone. ” – African News

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa