Isolezwe

‘Kukhona abazosala endleleni kowe-ANC’

- MHLENGI SHANGASE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi kungaqophe­ka umlando uma ngase bonke abaholi abagaqele ukuhola i-ANC bengagcina bengenele ukhetho lokuhola iqembu engqungqut­heleni yayo yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

Laba bahlaziyi bathi kujwayele ukuthi kube abantu ababili abangenela umbango wesikhundl­a sikamengam­eli hhayi abaningi. Abaholi okubukeka beseqhulwi­ni lombango nguDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa oyiPhini likaMengam­eli we-ANC nelezwe.

UNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu uNksz Lindiwe Sisulu, uphumele obala ethula umkhankaso wakhe ngempelaso­nto eGoli ukuthi uzowungene­la lo mbango.

Abanye abaholi osekuke kwavezwa amagama abo kubalwa uSomlomo wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete, uNgqongqos­he ehhovisi likaMengam­eli uMnuz Jeff Radebe, owayenguMg­cinimafa we-ANC uMnuz Mathews Phosa owahlulwa ngo-2012 embangweni wokuba yiPhini likaMengam­eli le-ANC eMangaung noMgcinima­fa okhona manje uDkt Zweli Mkhize.

Laba ngabanye babantu okukhuluny­wa ngabo okuthiwa basembangw­eni wokuhola i-ANC ngoDisemba.

UMnuz Protas Madlala, ongumhlazi­yi wepolitiki, uthe kuseva ukuthi bonke laba baholi bangangene­la lo mbango njengoba kungakavul­wa iwindi lokukhanka­sa ngokusemth­ethweni.

UMadlala uthe akujwayele­kile ukuthi babe baningi kangaka abaholi abagaqele esokuba ngumengame­li.

“Kujwayele ukuthi kube abantu ababili abasuke bebanga. Isibalo esingaka sabazongen­a sikhomba ukuthi ivuthiwe intando yeningi kwi-ANC,” kusho uMadlala.

Uthe kodwa uma sezehla ngoMaliyet­he, abanye babaholi bazoziqath­akela kulo mbango.

“Sizobabona behoxa bejoyina ezinye izinhlango­thi. Yingakho kunzima ukusho ukuthi bangaki abazosala kodwa ngicabanga ukuthi babili, ukuthi obani ngeke ngazi,” kusho uMadlala.

Omunye umhlaziyi wepolitiki uMnuz Thabani Khumalo, uthe kuzoqophek­a umlando ngoba baningi abantu abazongene­la umbango.

Uthe kodwa lesi sibalo esikhulu sabasemban­gweni sikhomba ukuthi i-ANC ihlukene.

“Kusho khona ukuthi i-ANC ihlukene. Alukho ubumbano ngoba kusho ukuthi uma kukhona umholi okhala ngaphansi kunabantu azohamba nabo,” kusho uKhumalo.

Uthe kukhulu ukungathem­bani yingakho abantu sebephume baba amaqoqo. “Akhona namathuba okuthi kuqhamuke abanye nabo abafuna ukuba abaholi. Akukuhle ukuthi wonke umuntu azibone engumholi,” kusho uKhumalo.

UMnuz Lukhona Mnguni, waseNyuves­i yaKwaZulu-Natal, ekhuluma neSolezwe wathi ubona i-ANC izohlukana ngoDisemba njengoba bebaningi abaholi ababangayo.

UMnguni wathi i-ANC iyayazi inkinga okumele iyilungise ukuze ingalahlek­elwa ukwesekwa ngabantu bakuleli, ukuxosha uMengameli Jacob Zuma.

UMnuz Zizi Kodwa okhulumela i-ANC kuzwelonke, uthe akekho umuntu osephakany­isiwe.

“Umthetho we-ANC uthi abantu bazophakan­yiswa amagatsha, okusho ukuthi wuSepthemb­a,’’ kusho uKodwa.

 ??  ?? UDKT NKOSAZANA Dlamini Zuma UNKSZ LINDIWE SISULU UMNUZ Mathews Phosa UNKK Baleka Mbete
UDKT NKOSAZANA Dlamini Zuma UNKSZ LINDIWE SISULU UMNUZ Mathews Phosa UNKK Baleka Mbete
 ??  ?? UMNUZ Cyril Ramaphosa
UMNUZ Cyril Ramaphosa
 ??  ?? UMNUZ Jeff Radebe
UMNUZ Jeff Radebe
 ??  ?? UDKT Zweli Mkhize
UDKT Zweli Mkhize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa