Isolezwe

‘AbakwaGupt­a abayeke i-ANC ihole’

- BONISWA MOHALE

USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe umndeni wakwaGupta osolwa ngokulawul­a umbuso wakuleli kufanele udedele i-ANC ukuthi yenze umsebenzi wayo wokuhola abantu baseNingiz­imu Afrika.

UZikalala ukusho lokhu izolo ngesikhath­i ehambele esifundazw­eni iMpumalang­a noMnuz Super Zuma uNobhala we-ANC namalungu esigungu esiphezulu se-ANC.

Kwabebeham­ba nabo bekukhona noMnuz Des van Rooyen lapho behlangane nobuholi baseMpumal­anga obekukhona kubo uSihlalo wesifundaz­we uMnuz David Mabuza nethimba lakhe.

Uthe bayabeseka ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma ngoba ngumholi wabo nabo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika.

Ebuzwa ukuthi ngabe bazokwenza­ni eMpumalang­a, uZikalala uthe bazoqhuba umsebenzi we-ANC.

“Sibona kubaluleki­le ukugcizele­la ubumbano kuzo zonke izinhlaka ze-ANC esikhathin­i lapho kunezinhla­ka ezifuna ukudicilel­a phansi umbutho. Siyezwa kuthiwa abakwaGupt­a baphethe umbuso sithi kubo mabadedele i-ANC iphathe izwe ngoba i-ANC ngeyabantu,” kusho uZikalala.

Uthe abahambisa­ni nokuthi umuntu ozowina ashaqe zonke izikhundla zobuholi kwi-ANC nohlangoth­i oluthile.

UZikalala akaqali ukusho lokhu kwazise wawuphakam­isa lo mbono engqungqut­heleni ye-ANC ebiseGoli ekuqaleni kwale nyanga.

Lo mbono wesekwa nanguMenga­meli Jacob Zuma njengoba wathi uzohambela zonke izifunda echaza ukuthi kubaluleki­le ukuthi owinayo angashaqi zonke izikhundla ukuze kubumbane i-ANC.

Kubuzwa ukuthi ngabe kukhona okuphakany­isiwe ngabazohol­a i-ANC emuva kwengqungq­uthela yangoDisem­ba uMabuza uthe ayizange iphathwe leyo ndaba. Lokhu kuyaxaka ngoba izintathel­i ebezihambe­le eNutting House, eseMbombel­a lapho bekunomhla­ngano khona, zibone amaphepha abenohlu lwamagama elokuqala igama belithi NDZ elesibili lithi Cyril. “Asizange siyithinte indaba yokuqokwa kobuholi engqungqut­heleni ye-ANC ezoba ngoDisemba besikhulum­a ngemigomo ye-ANC nokunye okuthinta umbutho. Sithanda ukuziqhele­lanisa nabakwaGup­ta ngoba asinabo ubudlelwan­o nabo. Akukho esingakuph­awula kulolu daba,” kusho uMabuza. Uthe abahambisa­ni nezinhlang­othi ezithile ngoba bona basebenzel­a ukuthi umbutho ube yinto eyodwa kungabibik­ho ukuphikisa­na kwemibono. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa