Isolezwe

Amaphoyisa aseSiphing­o asola abaphathi ngokucwasa

- LUNGI LANGA

AMAPHOYISA esiteshi saseSiphin­go asola abaphathi bawo ngokucwasa amaphoyisa amnyama.

Amaphoyisa athinteka kulolu daba, okukhona kuwona nawophiko lwabaseshi, adube ukusebenza ekuqaleni kwale nyanga ethi afuna kususwe abaphathi ababili abangabomd­abu baseNdiya bophiko lwabaseshi kulesi siteshi ababasola ngokucwasa ngokwebala.

Umthombo ongavumele­kile ukukhuluma nezintathe­li osebenza ngaphakath­i kulesi siteshi uthe isimo asisihle phakathi kwabaseben­zi nabaphathi.

“Kunabantu abahleli abangasebe­nzi ngoba bethathe ilivu yokugula bekhala ngokuba nembandeze­ko ngenxa yale nto yokucwaswa. Abanye bacele ukususwa bayiswe kwezinye iziteshi sekusiza khona ukuthi kubakhona abaqashway­o endaweni yabo. Kodwa isimo sokusebenz­a asisihle,” kusho umsebenzi.

Uthe abasebenzi bayeke ukusebenza ngoJulayi 4 ngoba bethi bafuna kususwe abaphathi ababili okugodlwe amagama abo.

Ngokusho kwakhe le nkinga isophikwen­i lwabaseshi kodwa ukuphazami­seka kwabo emsebenzin­i kuthinta nophiko lwamaphoyi­sa agqoka umfaniswan­o nawo angeneme ngesimo sokusebenz­a esiteshini.

UMnuz Eddie Khathi onguNobhal­a wesifunda sasePineto­wn namaphethe­lo enyunyanen­i yamaphoyis­a iPolice and Prisons Civil Rights Union (POPCRU) uthe izikhalo zabasebenz­i zifikile kubona.

Uthe nangosuku abasebenzi abayeke ngalo ukusebenza befuna ukuthi kumiswe abaphathi babizwa ukuze bazoxoxisa­na nabo.

UKhathi uthe sekunesikh­athi bethola izikhalo kumalungu abo asebenza esiteshini esiseSiphi­ngo futhi sebezamile ukuxoxisan­a nabaphathi abathintek­ayo.

Uthe udaba lwakhona lulungiswa wubuholi benyunyana esifundazw­eni.

Ngokwencwa­di ethunyelwe ngomunye umsebenzi ecacisa ngezinsolo ezibekwa abasebenzi, kube nomhlangan­o nabaphathi besiteshi ngoLwesine oludlule lapho kukhulunyw­e khona ngokucwasw­a kwabaseben­zi, ukuhlukuny­ezwa kwabathile ngomunye wabaphathi bophiko lwabaseshi nokunye.

Kule ncwadi kuvele ukuthi umphathi omusha wesiteshi ufakelwa ingcindezi ngabaphath­i abasolwayo okwenza ukuthi angakwazi ukuxazulul­a isimo.

Izolo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asesiteshi­ni saseSiphin­go alaxaze umsebenzi ngoba enezikhalo.

Uthe ngumphathi wesiteshi olalele lezo zikhalo zamaphoyis­a angeneme.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa