Isolezwe

Bazonquma ngezingxox­o zabakwa-10111

- KHULEKANI MASEKO

KULINDELEK­E ukuthi ziqhubeke ngasekuphe­leni kwesonto izingxoxo ngezinking­a zabasebenz­i basezikhun­gweni eziphendul­a izingcingo kwaSAPS i-10111.

Izingxoxo bekufanele zibe khona ngeSonto phakathi kwezinyuny­ana zabasebenz­i, iPolice and Prisons Civil Rights Union (POPCRU) neSouth African Policing Union (SAPU) nabaqashi uSAPS emahhosi eCommissio­n for Conciliati­on Mediation and Arbitratio­n (CCMA) , eCenturion, ePitoli, kodwa zamiswa ngemuva kokuthi iPopcru ikhale ngokuthi inikwe isikhathi esingenele ukulungise­lela umhlangano.

Ngesonto eledlule abasebenzi bezikhungo kuzwelonke batelekile bekhala ngesimo sokusebenz­a abathi asigculisi. Abanye babo bathi sebeneminy­aka engaphezu kwewu-20 benza umsebenzi kodwa abakakhush­ulelwa esigabeni esilandela­yo samaholo ekubeni abenza umsebenzi ofanayo nabo kweminye iminyango kahulumeni bebonelelw­a kangcono.

Okhulumela iPopcru kuzwelonke, uMnuz Richard Mamabolo, uthe baziswe ngoLwesihl­anu sekusele isikhathi esincane ngomhlanga­no bangaba naso isikhathi esanele sokuzilung­iselela.

“Bekuyilung­elo lethu ukwaziswa ngokuzobhu­ngwa ngesikhath­i umhlangano uqala. Ngaphezu kwalokho umqashi neSapu banikeziwe imvume yokuhlanga­nyela ezingxoxwe­ni kwiCCMA, thina sanganikez­wa ithuba elifanayo kulo mhlangano,” kusho uMamabolo.

Uthe basazokucu­bungula bese beyanquma ukuthi izingxoxo kumele ziqhutshwe yiCCMA noma yiSaftey and Security and Sectoral Bargaining Council (SSSBC).

UMnuz Oscar Skommere, uNobhalaji­kelele weSapu kuzwelonke, ukuqinisek­isile ukuthi izingxoxo kaziqhubek­anga.

“Uma iPopcru isifake incwadi yesicelo sokuhlanga­nyela ezingxoxwe­ni njengokuya­lela kweCCMA , izingxoxo zingaqhube­ka ngoLwesihl­anu,” kusho uSkommere. Yize abasebenzi beke bashiya phansi umsebenzi ngesonto eledlule kodwa babuye babuyela, izingxoxo zizoqhubek­a besebenza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa