Isolezwe

Iwumqemane engawadli ama-ARV

- AMY GREEN

INGANE eneminyaka eyisishiya­galolunye yaseNingiz­imu Afrika okwatholak­ala ukuthi inegciwane lengculazi inenyanga, seyiphile iminyaka eyisishiya­galombili nohhafu ingayidli imishanguz­o yokulithit­hibalisa futhi ingaguli.

Lokhu kuvele engqungqut­heleni i-Internatio­nal AIDS Society Conference (IAS) eseParis, eFrance kuleli sonto.

Le ngane yanikwa imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane lengculazi ama-antiretrov­irals (ARVs) isikhathi esingamaso­nto angu-40 emuva kokuthi kutholakal­e ukuthi inalo.

Lokhu kwakuyingx­enye yocwaningo ukuze kubonakale ukuthi igciwane lingathath­a isikhathi esingakana­ni ngaphambi kokuthi libuyelwe amandla bese liziphinda­phinda. Kuvamile ukuthi kuthathe amasonto nje ukuthi igciwane libuyelwe amandla uma isiguli siyeke ama-ARV. Abacwaning­i bathe basiqaphil­e isimo sale ngane ngenhloso yokubheka amasu okuthola ikhambi lokwelapha igciwane lengculazi.

Umcwaningi waseNingiz­imu Afrika ongomunye wabahamba phambili kulolu cwaningo, uDkt Avy Violari, uthe usemninigi kakhulu umsebenzi okusafanel­e wenziwe ukuze kuqondakal­e kahle ukuthi yenze kanjani le ngane ukuthi idambise igciwane ngaphandle kokusizwa yimishangu­zo.

“Kodwa asikholwa ukuthi amasonto angu-40 okudla ama-ARV yiwo aholele ekudambise­ni igciwane,” kusho uDkt Violari.

Ubulili bale ngane nedolobha ephuma kulona akuzange kudalulwe ngenhloso yokuyivike­la.

Lolu cwaningo olwaziwa ngeCHER lenziwe phakathi kuka2005 no-2011 eSoweto naseCape Town lapho bekuphenyw­a ngokuthi yisiphi isikhathi esifanele sokuqala ukunika izingane ezisanda kuzalwa imishanguz­o nokuthi ngabe kuphephile yini ukuphazami­sa ukunikwa kwazo imishanguz­o.

Yize kuke kwaba nemibiko ngeziguli ezikwazi ukudambisa igciwane lengculazi ngaphandle kokudla imishanguz­o kwamanye amazwe, kungokokuq­ala e-Afrika.

Kweminye yemibiko esanda kuvela kubalwa owengane yaseMissis­sippi, e-United States of America (USA) ezalwe inegciwane ngo-2010 yase iqaliswa imishanguz­o emuva kwezinsuku ezimbili izaliwe kodwa yaphinde yayekiswa isinezinya­nga ezingu-18. Ikwaze ukuhlala iminyaka emibili igciwane lidambe lafinyelel­a ezingeni lokuthi lingathola­kali uma ihlolwa kodwa labuye lavela egazini. Kuke kwaba nemibiko yomuntu omusha waseFrance ohlale iminyaka engu-11 engayidli imishanguz­o kodwa engakhombi­si zimpawu zokuba negciwane yize ayeqale watholakal­a enalo.

UDkt Anthony Fauci weNational Institute of Health e-US, uthe ukholwa ukuthi kunendlela eyindida evimbela igciwane ukuthi lingaziphi­ndaphindi. Uthe bona bahlalelwe umsebenzi wokuthola ukuthi yini lena eyenza lokhu.

“Kungabe yindlela umzimba olwa ngayo uma utholana negciwane okuyinto eyenzeka emzimbeni womuntu oyedwa noma ababili kodwa hhayi kuwo wonke umuntu? Kungenzeka ukuthi yinto ethile ngegciwane? Kungenzeka yini ukuthi ukusheshe unike umuntu imishanguz­o kwenza ukuthi kusuke ingxenye ethile yegciwane enamandla okuziphind­aphinda bese kusala ingxenye ethile yalo igciwane engakwazi ukuziphind­aphinda? Kungenzeka ukuthi kuhambisan­a namazinga egciwane? Noma akuyona yonke lento?” kubuza yena.

UDkt Violari uthe izihlobo zengane zijabule kakhulu ngokuthi ilidambisi­le igciwane nokuthi ayikhombis­i zimpawu zokudinga ama-ARV.

Uthe ukholwa ukuthi abantu abafana nale ngane abanendlel­a thizeni yokulidamb­isa igciwane yibona abazoqhamu­ka nempendulo yokulwa negciwane lengculazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa