Isolezwe

Odokotela bakhunjuzw­a ngesifungo

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO yodokotela, iSouth African Medical Associatio­n (Sama) ikhumbuze bonke odokotela ngokubalul­eka kokulandel­a imigomo elawula imininingw­ane yeziguli zabo noma ngabe zingobani.

Le nhlangano ikhiphe isitatimen­de izolo ngemuva kokuphawul­a komndeni wowayenguM­engameli wokuqala wentando yabantu kuleli uDkt Nelson Mandela ngemuva kokuthi omunye wodokotela owayeyingx­enye yethimba elalimelap­ha ngaphambi kokuthi ashone, ekhiphe incwadi ekhuluma ngempilo yakhe.

UDkt Vejay Ramlakan owayengudo­kotela embuthweni wezokuvike­la kuleli iSANDF, ukhiphe incwadi ethi Mandela’s Last Years.

Ngemuva kokuthi kuvele izindaba zokukhishw­a kwale ncwadi, unkosikazi kaMandela, uNkk Graca Machel, namanye amalungu omndeni kaMandela okubalwa inkosi uMandla noNdileka Mandela, bazwakalis­e ukungenami ngokukhish­wa kwale ncwadi baveza ukuthi bangase bathathe izinyathel­o zomthetho.

Abomndeni kaMandela babona ukuthi uDkt Ramlakan kungenzeka ukuthi uphule umgomo obekelwe odokotela wokwenza kube yimfihlo imininingw­ane yesiguli.

URamlakan owayehola ithimba elalelapha uMandela wathatha umhlalapha­nsi ngo2015.

AbeSama baveze ukuthi bonke odokotela bayakhunju­zwa ngomgomo okwenza imfihlo imininingw­ane yesiguli kungakhath­alekile ukuthi singubani nokuthi kubhalweni encwadini.

USihlalo weSama uDkt Mzukisi Grootboom, uthe isifungo esithathwa ngodokotel­a sisho ukuthi bazohlonip­ha izimfihlo zesiguli noma ngabe sesishonil­e.

Uthe ukuphula lo mgomo kubukela phansi ukwethenjw­a kodokotela ngumphakat­hi.

Kule ncwadi kuvela ukuthi uRamlakan ukhuluma kabanzi ngokungeni­swa kukaMandel­a esibhedlel­a eMedical Heart Hospital ngoJuni kwaze kwaba uyadlula emhlabeni kukhona owayengunk­osikazi wakhe uNkk Winnie Madikizela-Mandela.

Uphinde akhulume ngokuqhinq­a ngaphandle kwalesi sibhedlela kwezintath­eli njengoba uMandela wayelashwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa