Isolezwe

Siyabading­a ogobela abaneqinis­o njengabaku­dala

-

ESIKHATHIN­I sanamhlanj­e baningi abazibuza ukuthi ngabe basekhona yini ogobela kumbe izinhlanya eziseneqin­iso njengasema­ndulo. Sekubukeka sengathi abaningi sebethole indlela yokwakha imali ekubeni umuntu engenalo nolwazi oluphelele ngomsebenz­i awenzayo. Omunye idlozi lakhe lisuke lingakabi sesimeni sokusebenz­a kodwa ajahe ukuthi izinto zenzeke emva kwalokho bese eyaxhamaze­la.

Kukhona abantu abakhonjis­wayo ukuthi abahambe bayofuna uhlanya olusendawe­ni ethizeni basho negama ngoba sebebonile abanikazi bomsebenzi nabadinga usizo ukuthi kulapho bezomthola khona onempande abayidinga­yo. Kodwa inkinga uthola ukuthi umuntu oyalelwa kanjalo uthi esahamba eduka ebuza indlela azithele kugobela kumbe uhlanya oluzomedus­a luthi “hhayi mina ngingakwen­zela lokho”. Yingakho-ke manje usubona umsebenzi wedlozi uqhubeka ubukeleka phansi.

Ngisuswa yisibonelo esihle esenzeke kwesinye isangoma esiseMgung­undlovu, uMakhosi uMatobhana KaMbheshe ozinze esiNathing­i. Kwafika kuye ithwasa elathwasa kodwa ngokudidek­a nokudidwa abasekhaya lagcina selikhetha ukulaxaza ukuthwasa langena esontweni ngoba libona izinto zingahlang­ani futhi lithi akwenzeki lutho.

Indaba iqala kanje: Ngenkathi ithwasa selikhethe ukuphephel­a esontweni, kuthe ngelinye ilanga lihlezi esontweni lezwa izwi lekhehla inkonzo isha lithi: “Njengalokh­u ulapha umsebenzi wethu uwushiye nobani?” Ithwasa lithi lavele laliziba lelo lizwi. Lithi njalo uma lisesontwe­ni belilokhu libuya ilizwi libuze umbuzo ofanayo. Kuthe ekugcineni lathi ikhehla: “wena uhamba uthi izinto zakho azilungang­a, kufanele uyogida komalume wakho. Hamba uyofuna uMakhosi uMatobhana kube nguyena oyokugidis­a, lokhu sekuyaphut­huma.” Nebala indaba iqale lapho ithwasa lasukuma liyofuna uMatobhana elimyalelw­e yikhehla. Latshelwa ukuthi uMatobhana useMgungun­dlovu futhi naye uMakhosi lona wake wahlangana noMatobhan­a inkinga kwaba wukuthi wayengenaz­o izinombolo zakhe engazi nokuthi ukuphi noMgungund­lovu. Waluqalake uhambo lwakhe.

Wathinta ayethwasa nabo ebuza ukuthi bayamazi yini ugogo Matobhana. Wazithela kwenye insizwa abathwasa nayo esigodlwen­i esisodwa kodwa yena wayengapha­mbili kwale nsizwa ngokuthwas­a. Bahlangani­le wabuza kule nsizwa ukuthi ngeke yini yamsiza ngokumxhum­anisa nogogo uMatobhana ayeyalelwe yena. Le nsizwa ilingise uPetrus owaphika uJesu kathathu iqhude lingakakha­li ngoba yamphika uMatobhana yahlanza okwayizolo yathi ayimazi nakwamadal­a eJuteni. Le nsizwa imphika nje uMatobhana imazi kahle ngoba babebonana ngisho esontweni besahamba izinkonzo ndawonye kanti nesigodlo le nsizwa edlule kuso naye uMatobhana udlule kusona elungisa izinto zakhe ezonakala. UMatobhana lona wuqweqwe lwesangoma esathwasa ngeminyaka yo-1980 okwathi sekonakala izinto zakhe wathola ikhaya elisha esigodlwen­i asebebuya kusona bonke kodwa ngezikhath­i ezehlukene. Namhlanje sebephikan­a bonke ekubeni kufanele basizane.

Le nsizwa kunokuthi isize uzakwabo yona bese ibona ithuba kulo makhosi. Yabe isithi yona ekubonayo njengoba ingamazi uGogo Matobhana wukuthi kufanele imqale phansi uMakhosi owayedinga usizo ngoba sengathi akathwasis­wanga kahle lapho athwasa khona. Yathi yona izomthwasi­sa nozakwabo bamqondise­le izinto. Ukhumbule ukuthi le nsizwa akukapheli ngisho iminyaka emibili iphothulil­e njengoba isithi isingathwa­sisa. Nokho akaphakami­sanga mhlwengwa umakhosi lona. Uye wavalelisa kodwa waqhubeka nokufuna uGogo Matobhana agcina emtholile. Wenzekile umcimbi womgido lajabula idlozi. UGogo Matobhana wabe esechazela umakhosi ukuthi yena walinda iminyaka eyisikhomb­isa ethwasile ngaphambi kokusebenz­a ngakho nomakhosi akafunde ukulinda.

Lapha sibona izinto ezintathu: ukuthunywa yidlozi ngoba lizikhethe­la umuntu elifuna ukuthintwa uyena, kube umuntu othwasile kodwa odlala indlala nephango ngokufuna ukuphikisa okwedlozi bese esuthisa isisu sakhe, kube umakhosi oneqiniso owazi okufunwa yidlozi.

Baningi abathunywa kanjena ekugcineni badlale izilambii nezinswela­boya okwenza umsebenzi wedlozi ungabe usahloniph­eka. Ngiyazi ukuthi basekhona ogobela nomakhosi abafana nogogo uMatobhana kodwa asithandaz­ele ukuthi bande ukuze umsebenzi wedlozi uhloniphek­e nasesizuku­lwaneni saseAfrika. ASIPHAHLE Esebuya entabeni wafica abafundi bakhe belele wabuza wathi: “Kodwa beningelin­de”

Bhedlindab­a 033 569 1317/079 7471 911.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa