Abocansi benzele phansi umcimbi kamaskandi
KUBE kuhle ukubona umcimbi kamaskandi uqhubeka kahle ngaphandle kwezidubedube zokuxabana kwabalandeli. Umcimbi weMpucuzeko ube yimpumelelo kwathi nabaculi abasanda kuxolelana, uKhuzani neGcokama Elisha baziphatha kahle njengokwethembisa kwabo ngesikhathi bethelelana amanzi.
Lona bekungumcimbi kaMaskandi wokuqala omkhulu kusukela ngo-Ephreli njengoba kwakugcina ngoweNqokotho lapho kwaphuma khona izidumbu kuxabana abalandeli njengoba kwagcina kudutshulwana.
Lokhu kwaholela ekutheni kuvalwe ukubanjelwa kwemicimbi eCurries Fountain njengoba namanje kusamisiwe.
Ukuklolodelana kuze kuliwe bese kuyimpilo yakhona emicimbini kamaskandi nobekona izinto ngoba phela kusuke kuhlangenwe ngokujabula.
Yingakho nje siyincoma indlela abaculi kanjalo nabalandeli abaziphathe ngayo nakuba ngeshwa ekhona umlandeli oshonile ngoba eshayiswe imoto ewela umgwaqo esephumile enkundleni lapho umcimbi ububanjelwe khona.
Nokho siyasigxeka isitayela sokuya ocansini isidana njengoba kuthiwa bekwenzeka kulo mcimbi abantu bezitika ngocansi ezimotweni nangaphandle kwazo futhi abanye baze bashutha nezithombe bazifaka ezinkundleni zokuxhumana.
Njengoba abantu bebengacashe ndawo nje, abanye babonakele bezijabulisa bengafakile ngisho amakhondomu.
Kuyinkinga enkulu ukuthi abantu baye ocansini bangasebenzisi amakhondomu. Abanye bala bantu abebeya ocansini bebeficane khona emcimbini, utshwala sebehlele ngezansi, akubona abantu abathandanayo nabazanayo.
Enye yezinselelo esinazo njengezwe ukutheleleka kwabantu abasha ngezifo ezithathelana ngokocansi ikakhulukazi esengculazi kulabo abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-24.
Uma kuzoqhubeka kanje kusho ukuthi nanoma ngabe yimiphi imizamo eyenziwayo ukulwa nengculazi ifana nokudlala ngesikhathi.
Lezi zithombe ebezishutshwa laphaya kwenziwa yini abantu bangabi nalo uvalo lokuthi zingagcina mhlawumbe zibonwa ngabazali babo?
Ake sizifundise ukuzijabulisa ngendlela engasihlambalazi futhi sizihloniphe.