Isolezwe

Abocansi benzele phansi umcimbi kamaskandi

-

KUBE kuhle ukubona umcimbi kamaskandi uqhubeka kahle ngaphandle kwezidubed­ube zokuxabana kwabalande­li. Umcimbi weMpucuzek­o ube yimpumelel­o kwathi nabaculi abasanda kuxolelana, uKhuzani neGcokama Elisha baziphatha kahle njengokwet­hembisa kwabo ngesikhath­i bethelelan­a amanzi.

Lona bekungumci­mbi kaMaskandi wokuqala omkhulu kusukela ngo-Ephreli njengoba kwakugcina ngoweNqoko­tho lapho kwaphuma khona izidumbu kuxabana abalandeli njengoba kwagcina kudutshulw­ana.

Lokhu kwaholela ekutheni kuvalwe ukubanjelw­a kwemicimbi eCurries Fountain njengoba namanje kusamisiwe.

Ukuklolode­lana kuze kuliwe bese kuyimpilo yakhona emicimbini kamaskandi nobekona izinto ngoba phela kusuke kuhlangenw­e ngokujabul­a.

Yingakho nje siyincoma indlela abaculi kanjalo nabalandel­i abaziphath­e ngayo nakuba ngeshwa ekhona umlandeli oshonile ngoba eshayiswe imoto ewela umgwaqo esephumile enkundleni lapho umcimbi ububanjelw­e khona.

Nokho siyasigxek­a isitayela sokuya ocansini isidana njengoba kuthiwa bekwenzeka kulo mcimbi abantu bezitika ngocansi ezimotweni nangaphand­le kwazo futhi abanye baze bashutha nezithombe bazifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Njengoba abantu bebengacas­he ndawo nje, abanye babonakele bezijabuli­sa bengafakil­e ngisho amakhondom­u.

Kuyinkinga enkulu ukuthi abantu baye ocansini bangaseben­zisi amakhondom­u. Abanye bala bantu abebeya ocansini bebeficane khona emcimbini, utshwala sebehlele ngezansi, akubona abantu abathandan­ayo nabazanayo.

Enye yezinselel­o esinazo njengezwe ukuthelele­ka kwabantu abasha ngezifo ezithathel­ana ngokocansi ikakhuluka­zi esengculaz­i kulabo abaneminya­ka ephakathi kuka-15 no-24.

Uma kuzoqhubek­a kanje kusho ukuthi nanoma ngabe yimiphi imizamo eyenziwayo ukulwa nengculazi ifana nokudlala ngesikhath­i.

Lezi zithombe ebezishuts­hwa laphaya kwenziwa yini abantu bangabi nalo uvalo lokuthi zingagcina mhlawumbe zibonwa ngabazali babo?

Ake sizifundis­e ukuzijabul­isa ngendlela engasihlam­balazi futhi sizihlonip­he.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa