Ngikhala ngolimi olunempi kubaSane
MHLELI: Ngiphawula ngeSane Tribe Heritage Trust yaseMzinto eke yabhala ihlasela uMnuz Chiliza obekhala ngezwe lakubo eladliwa Abengwadi. Nakuba ngiqonda ukuthi umuntu oyedwa owabhala udaba kodwa-ke ngoba wazibiza ngomkhandlu wabaSane, nami ngizobhala ngiqondise kuwo.
Uma umhleli wephephandaba esinika ithuba lokuveza imibono yethu usuke engasho ukuthi asidelele, sibe luhlaza sibukele phansi abanye abantu. Anginankinga nomkhandlu woNxaba uma ulwelwa okwakwabo kodwa amagama ayebhekiswe kuMnuz Chiliza ayelumela.
UMkhandlu wakwaMsane uphinde ukhwela uyadilika eNkosini u-P Chiliza ephethe indlu yobuholi bomdabu kwaMthaniya sakuyisabisa. (Inkosi P Chiliza kumele iqaphele ingazitholi ezinkingeni ngenxa yabantu abakhuluma sengathi badilika eweni). Ngicaphuna isitatimende somkhandlu wakwaMsane. Lingenaphi iduna likaBhoyiya kaMzakuza kulolu daba? Ngabe umkhandlu uqonde ukuthi unobufakazi obuphathekayo yini ukuthi owayebhalile wayethunywe yinkosi yaseKubuseni?
Kuyinto engakholakali ukuthi umkhandlu wobukhosi ubize umuntu wakobunye ubukhosi ngomfokazana. Empeleni angilwi noNxaba kaMbhekane, oVundla, Lombo, Majoka, Mayinga, Delela kodwa ngikhala ngolimi olunempi abalukhulumayo bengamakhosi belubhekise kobunye ubukhosi. Ngiyabuhlonipha ubukhosi baMadunge budala.
Ngazi nomlando wabo kungakabusi ngisho iLembe besazinze koMvoti esigodlweni senkosi uBhoyiya eMvuleni. Ngiyabahlonipha nabakwaMsane ngenkosi yabo uNxaba kaMbekane eyayizinze eMthekwini, eHluhluwe, enyakatho yekwaZulu kodwa eyaphelela kwaSoshangane.
OMgobhozi kaMgabashe ngamanye amaqhawe akwaMsane eyevelele embusweni weLembe. UNongqewu kaMgobhozi wayekhuza ibutho Imvemnyama eSandlwana. UMjiza kaMbhekane ujike ngasoPhongolo wabheka eBaqulusini wangahamba nomfowabo inkosi uNxaba. Ugcine ebuyile wazokhonza kwaZulu. Ube esevundla izintaba wabheka entshonalanga nelakwaZulu.
Inkosi uShaka yabe isimbiza ngoVundla owavundla izintaba. Bonke abendlu yakhe begcine sebebizwa ngoVundla njengesibongo.
Ngizama ukucacisa ubuqhawe boMsane njalo. Kunelokishi KwaMsane Township ngaphandle kwedolobha uMtuba. Kafushane nje ngiyavuma ukuthi oMsane ngamaqhawe akudala kwaZulu. Kodwa ngikhala ngolimi abalusebenzisayo lufundwe yizwe lonke. Bathunaza isithunzi sobukhosi babo.Kodwa-ke akaze ngizwe-ke ukuthi kwake kwaba khona inkosi uMsane ngale koThukela. Yingakho-ke ngizocela umkhandlu waKwaMsane uke ungibhalela uhla lwamakhosi akhona kuze kugcine kule okwaqedwa ngayo abamhlophe. Ngazi kakhulu ngeqhawe uNtelezi kodwa angazi ngobukhosi bakwaMsane Ogwini. NN Masondo EMPANGENI