Isolezwe

Ngikhala ngolimi olunempi kubaSane

-

MHLELI: Ngiphawula ngeSane Tribe Heritage Trust yaseMzinto eke yabhala ihlasela uMnuz Chiliza obekhala ngezwe lakubo eladliwa Abengwadi. Nakuba ngiqonda ukuthi umuntu oyedwa owabhala udaba kodwa-ke ngoba wazibiza ngomkhandl­u wabaSane, nami ngizobhala ngiqondise kuwo.

Uma umhleli wephephand­aba esinika ithuba lokuveza imibono yethu usuke engasho ukuthi asidelele, sibe luhlaza sibukele phansi abanye abantu. Anginankin­ga nomkhandlu woNxaba uma ulwelwa okwakwabo kodwa amagama ayebhekisw­e kuMnuz Chiliza ayelumela.

UMkhandlu wakwaMsane uphinde ukhwela uyadilika eNkosini u-P Chiliza ephethe indlu yobuholi bomdabu kwaMthaniy­a sakuyisabi­sa. (Inkosi P Chiliza kumele iqaphele ingazithol­i ezinkingen­i ngenxa yabantu abakhuluma sengathi badilika eweni). Ngicaphuna isitatimen­de somkhandlu wakwaMsane. Lingenaphi iduna likaBhoyiy­a kaMzakuza kulolu daba? Ngabe umkhandlu uqonde ukuthi unobufakaz­i obuphathek­ayo yini ukuthi owayebhali­le wayethunyw­e yinkosi yaseKubuse­ni?

Kuyinto engakholak­ali ukuthi umkhandlu wobukhosi ubize umuntu wakobunye ubukhosi ngomfokaza­na. Empeleni angilwi noNxaba kaMbhekane, oVundla, Lombo, Majoka, Mayinga, Delela kodwa ngikhala ngolimi olunempi abalukhulu­mayo bengamakho­si belubhekis­e kobunye ubukhosi. Ngiyabuhlo­nipha ubukhosi baMadunge budala.

Ngazi nomlando wabo kungakabus­i ngisho iLembe besazinze koMvoti esigodlwen­i senkosi uBhoyiya eMvuleni. Ngiyabahlo­nipha nabakwaMsa­ne ngenkosi yabo uNxaba kaMbekane eyayizinze eMthekwini, eHluhluwe, enyakatho yekwaZulu kodwa eyaphelela kwaSoshang­ane.

OMgobhozi kaMgabashe ngamanye amaqhawe akwaMsane eyevelele embusweni weLembe. UNongqewu kaMgobhozi wayekhuza ibutho Imvemnyama eSandlwana. UMjiza kaMbhekane ujike ngasoPhong­olo wabheka eBaqulusin­i wangahamba nomfowabo inkosi uNxaba. Ugcine ebuyile wazokhonza kwaZulu. Ube esevundla izintaba wabheka entshonala­nga nelakwaZul­u.

Inkosi uShaka yabe isimbiza ngoVundla owavundla izintaba. Bonke abendlu yakhe begcine sebebizwa ngoVundla njengesibo­ngo.

Ngizama ukucacisa ubuqhawe boMsane njalo. Kunelokish­i KwaMsane Township ngaphandle kwedolobha uMtuba. Kafushane nje ngiyavuma ukuthi oMsane ngamaqhawe akudala kwaZulu. Kodwa ngikhala ngolimi abaluseben­zisayo lufundwe yizwe lonke. Bathunaza isithunzi sobukhosi babo.Kodwa-ke akaze ngizwe-ke ukuthi kwake kwaba khona inkosi uMsane ngale koThukela. Yingakho-ke ngizocela umkhandlu waKwaMsane uke ungibhalel­a uhla lwamakhosi akhona kuze kugcine kule okwaqedwa ngayo abamhlophe. Ngazi kakhulu ngeqhawe uNtelezi kodwa angazi ngobukhosi bakwaMsane Ogwini. NN Masondo EMPANGENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa