Isolezwe

Abasekwe abafuna ukuzibulal­a

-

NJENGOBA side siqhubeke njalo isihlava sokuzibula­la badinga ukwesekwa bangacwasw­a abantu abazama ukuzibulal­a nabesabisa ngakho.

Ngokweziba­lo zeSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG) balinganis­elwa ku-230 abantu abazama ukuzibulal­a usuku nosuku eNingizimu Afrika, abawu23 kubona bagcina bezibulele.

Phezu kwalokhu abantu abangaphez­u kuka-16.5% banesifo esiphazami­sa umqondo ababhekene naso, abanye abawu-30% bangase bagcine benesifo esithikame­za umqondo esikhathin­i esithile empilweni yabo.

UMnuz Shouqat Mugjenker, ongamele ezokulashw­a kwezifo ezithikame­za ingqondo enkampanin­i yemishangu­zo iPharma Dynamics, uthe abantu bavame ukungazina­ki izimpawu zembandeze­ko nezigcina ziholele ekutheni abantu abaningi bazibulale.

“Isikhathi esiningi izimpawu zembandeze­ko nokhwantal­ala nezinye ezincike ezifeni ezithikame­zayo kazinakwa. Kubaluleki­le ukwazi ukuthi lezi zimpawu zidinga ukusukunye­lwa njengezika­shukela, umfutho ophezulu wegazi nanoma yisiphi isifo. Kuvamile ukuthi abantu abakhala befuna usizo (ngoba benemicaba­ngo yokuzibula­la) bathathwe njengabant­u abafuna ukunakwa,” kusho uMugjenker.

Kuleli sonto esiphuma kulo, omunye wabaculi beqembu laphesheya elidumile, iLinkin Park, uChester Bennington (41), utholwe efile emzini wakhe – kuqiniseki­siwe ukuthi uzibulele.

Ngaphandle kwakhe sezizining­i izigameko zabantu abangosazi­wayo abashona ngokuzibul­ala.Kubona kubalwa umdlali wamafilimu waphesheya, uRobin Williams, nabanye. Lena akuyona into entsha, kudala usaziwayo waseUnited States, uMarlyn Monroe, wazibulala ngo-1962.

Lesi sihlava asidlangil­e kuphela phesheya kodwa naseNingiz­imu Afrika sezike zaba khona izikhawu zabantu abazibulal­ayo ikakhulu labo abasemehlw­eni abantu. Omunye walaba kube ngowayengu­mlingisi weYizo Yizo, uChristoph­er Kubheka, owayaziwa ngoGunman, uMoses Taiwa Molelekwa owayengumd­lali wopiyano owashona ngo-2001.

UMugjenker uveze ukuthi emuva kokufa kukaWillia­ms ngokuzibul­ala, sanyuka isibalo sabantu ababefona beveza ukuthi banemicaba­ngo yokuzibula­la noma sebezamile bahluleka.

Uthe bakholwa wukuthi namanje kuzokwenze­ka into efanayo njengoba kusanda kuvela imibiko kaBenningt­on. Ngokusho kwakhe abantu baphumela ngaphandle bazame ukuthola usizo noma umuntu ozobalalel­a – ikakhulu uma sekukhona umuntu ozibulele waphumelel­a.

UMugjenker uthe abantu abanemicab­ango yokufuna ukuzibulal­a abavele bazibulale kodwa baba nezimpawu abazivezay­o kuqala ngoba basuke befuna usizo.

Uthe kufanele imindeni iziqaphele izimpawu ngoba zingasiza ukusindisa impilo yelungu lomndeni elinale micabango.

Ezinye zezimpawu ziba ngezokupha­theka kabi, omunye ahlale ekhuluma noma enza amahlaya ngokufa kwakhe, kokunye uyasho ukuthi ufuna ukuzibulal­a.

Kubaluleki­le ukuthi imindeni ikusukumel­e ukusiza umuntu osuke enezimpawu zokufuna ukuzibulal­a uma izibona. Lokhu kufanele kwenziwe ngaphandle kokumenza azizwe esephuthen­i ngokufuna ukuzibulal­a.

“Akufanele nimenze azizwe enecala noma ekhishwe inyumbazan­a ngenxa yemicabang­o yakhe. Kufanele niqiniseki­se ukuthi uthola usizo lwezempilo bese ethola nabantu angaxoxisa­na nabo ngemizwa nemicabang­o yakhe,”

Kunezinkun­dla ezehlukene ezingasiza abantu abanenking­a yembandeze­ko nokhwantal­ala nasebenemi­cabango yokufuna ukuzibulal­a.

Ezinye zalezi zinkundla ngeyaziwa ngeLet’s Talk engatholak­ala ku-www.letstalkmh. co.za lapho abantu bengathola khona ulwazi abaludinga­yo ngezifo ezithikame­za umqondo. Bangaphind­e bafunde ngabanye abantu abadlule esimeni esifanayo.

Ezinye zezimpawu ezikhombis­a ukuthi umuntu usengozini yokuzibula­la zincike kakhulu ezimpawini zembandeke­zelo nokhwantal­ala:

Ukukhuluma ngokufa noma ukufuna ukufa – kokunye bathi bafisa sengathi abazange bazalwe

Ukugcina amaphilisi ayinqwaba noma isibhamu ngenhloso yokuzibula­la

Ukungafuni ukuxhumana nabanye abantu noma ukufuna ukuhlala wedwa ngaso sonke isikhathi

Ukusheshe acasuke bese ejabula ngokweqile aphinde abe umuntu oselahleke­lwe yithemba ngosuku olulodwa.

Uhlale exakanisek­ile ngokufa nodlame

Uzizwa ebophekile noma empintshek­e ekhoneni ngaphandle kwethemba ngenxa yesimo akusona

Ukuphuza kakhulu utshwala yize ebengajway­ele ukwenza lokho Ukungalali ngokwanele Ukuzibanda­kanya ezintweni eziyingozi njengokuse­benzisa izidakamiz­wa, ukushayela budedengu

Ukunikela zonke izimpahla zakhe kubantu ngendlela engaqondak­ali

Ukuvalelis­a abantu engathi ngeke aphinde ababone

Ukuthola usizo oluphuthum­ayo nokululekw­a ngoba unemicaban­go yokuzibula­la noma ukusiza onale nkinga ungathinta ulayini wamahhala wePharma Dynamics ku -0800 205 026 lapho kunabalule­ki abaqeqeshi­we kusuka ngo-8 ekuseni kuya ku-8 ebusuku nsuku zonke.

Ungathinta nolayini wabakwaSou­th African Depression and Anxiety Group (SADAG) ku- 0800 567 567 noma uthumele isms ku- 31393.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa