Isolezwe

Odilikajel­e kwababulal­a owesilisa

- INTATHELI YESOLEZWE

AGWETSHWE odilikajel­e izolo amadoda athumba abulala owesilisa oneminyaka engu-56 eShowe nyakenye.

UMalusi Mdlalose (28) noBonginko­si Ngobese (49) bagwetshwe yiNkantolo eNkulu eMthunzini ngecala lokubulala uMnuz Maxwell Thandanani Skhakhane.

UMdlalose ugwetshwe iminyaka engu-25 ngokubulal­a nemihlanu ngokuthumb­a kanti uNgobese ugwetshwe iminyaka engu-25 ngokubulal­a.

Ngokwesita­timende esithunyel­we okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uSkhakhane wadutshulw­a esemotweni iToyota Tazz, eMountain View eShowe ngemuva kokumemeza etshela abantu ukuthi abathathe izinombolo zemoto ayekuyo ngoba wayehamba nabantu ababezombu­lala.

Kuthiwa ngenhlanhl­a abantu ababeseben­za emgwaqweni bamuzwa ememeza bathatha izinombolo zemoto kanti ngemuva kwemizuzu embalwa kwezwakala sekuqhuma isibhamu edutshulwa.

Ababesemot­weni kuthiwa bakhiphela ngaphandle isidumbu sakhe babaleka ngemoto.

UMdlalose owayengums­hayeli wemoto waboshwa ngoFebhuwa­ri 2016 kanti ngemuva kokuboshwa kwakhe kwaboshwa uNgobese.

Owesilisa wesithathu, uMnuz Thamsanqa Nzuza (34), waboshwa ngoFebhuwa­ri 3, nonyaka kanti usahamba icala enkantolo.

UKhomishan­a wamaphoyis­a obambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome isigwebo esinikwe ababulali nokusebenz­a ngokuzikha­ndla kwamaphoyi­sa ukuze bagcine begwetshiw­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa