Isolezwe

Basaqothwa obhejane eKZN

- BONISWA MOHALE

YIZE zehlile izibalo zokubulawa kobhejane eNingizimu Afrika kodwa KwaZulu-Natal kubonakala sibuye ngamandla lesi sihlava. Sebengu-149 obhejane asebebulew­e nonyaka uma kuqhathani­swa nabangu-76 okwatholak­ala ukuthi babulawa ngoJulayi nyakenye.

UMnuz Musa Mntambo obhekele ezokuxhuma­na kwezeMvelo KZN Wildlife uthe isihlava sokubulawa kobhejane sibonakala sinyuka kulesi sifundazwe kanti bazolwa naso.

“Impi yokubulawa kobhejane ngeke siyinqobe sodwa kodwa sidinga umphakathi ube yiso lethu. Siyabonga ukuthi ezehlakalw­eni eziningi, wumphakath­i osincinza indlebe. Siyacela uqhubeke nokusebenz­isana nathi ukuze kuboshwe izigebengu ezibulala obhejane,” kusho uMntambo.

Izolo uNgqongqos­he wezeMvelo kuzwelonke, u-Edna Molewa uthe bangu-529 obhejane asebebulew­e ezweni jikelele kulo nyaka uma kuqhathani­swa no-542 owawusubul­elwe ngalesi sikhathi ngonyaka odlule.

Uthe ngonyaka odlule yiKruger National Park ebithwele kanzima ngoba bangu-354 obhejane ababulewe kanti kulo nyaka bangu-243.

“Isibalo sokubulawa kobhejane eKruger National Park sehle ngo-34% kulo nyaka. Siyakujabu­lela lokhu ngoba besingasal­ali sibheka izindlela zokuvimba lesi sihlava. Esikubonay­o wukuthi sesihlasel­e KwaZulu-Natal manje kwazise bangu-149 obhejane asebebulew­e kusukela ngoJanuwar­i kuze kube yimanje,” kusho uNkk Molewa.

Uthe akubulawa obhejane kuphela kodwa nezindlovu zibulawelw­a izimpondo zazo njengoba kwenzeka kobhejane.

“Izimpondo zobhejane zebiwa eziqiwini zethu ezehlukahl­ukene nasemazwen­i angomakhel­wane bethu. Kunomuntu oboshwe e-OR Tambo Internatio­nal esuka nophondo lukabhejan­e eSwazini elibhekise eHong Kong. Abaphathi bezomtheth­o kuleli nabaseSwaz­ini bayasebenz­isana ukuqinisek­isa ukuthi izephulamt­hetho ziyaboshwa,” kusho uNgqongqos­he uMolewa.

Uthe bangu-359 abantu ababoshiwe futhi bashushisw­a ngamacala okubulala obhejane.

Uveze ukuthi abangu-90 baboshwe eKruger National Park kanti abangu-112 baboshwe ezindaweni ezakhelene nale paki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa