Isolezwe

Uqede imibuzo ngoSikhakh­ane neRichards Bay FC

- MINENHLE MKHIZE

USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, ukubeke kwacaca ukuthi uRoger Sikhakhane usengumqeq­eshi weqembu.

USikhakhan­e, osize iThanda Royal Zulu yadla umhlangani­so kwiNationa­l First Division (NFD), ubengekho ebhentshin­i ngesikhath­i ezakhe zithelwa othulini yiReal Kings ngo 3-1 kumaphenat­hi emdlalweni we-quarterfin­al yeKZN Premier’s Cup ngempelaso­nto eRichards Bay.

UJomo Ntuli oyiphini ubehlezi ebhentshin­i. Abalandeli basale benemibuzo ngekusasa likaSikhak­hane kodwa uBiyela ukuqinisek­isile ukuthi usengumqeq­eshi weqembu.

UBiyela ube ngusihlalo weRichards Bay FC emva kokuthenga ilungelo laMaZulu FC lokudlala kwiNFD. Usuthu luthenge ilungelo leThanda lokudlala kwi-Absa Premiershi­p. Ngesizini edlule uBiyela ubeyisikhu­lu esiphezulu kuMabhubes­i.

“Isimo sikaRoger akusona isimo esingalawu­lwa yimina. Isimo sakhe yisimo esithinta impilo yakhe ngakho ngeke ngiqinisek­ise ukuthi uzobuyela nini ebhentshin­i. Ngicabanga ukuthi akusiyona imfihlo ukuthi emasontwen­i amathathu adlule ukhombise ukuba sesimeni esihle kakhulu. Usebuyele ejimini. Ubekhona iviki lonke eledlule. Nangesikha­thi sekhefu emdlalweni wethu wanamuhla (esho ngoMgqibel­o) wehlile wazokhulum­a nabadlali. Abadlali esibasayin­isayo ngabadlali abafunwa nguyena umqeqeshi. Engingakuq­inisekisa kubalandel­i wukuthi umqeqeshi uRoger nguyena ozohola iqembu ngesizini ezoqala,” kusho uBiyela.

IRichards Bay FC ilahlekelw­e abadlali abasayine emaqenjini adlala kwi-Absa Premiershi­p. UZitha Macheke ubuyele kwiChippa United kwathi uThabo Maele waphindela kwi-Orlando Pirates.

U-Ayabulela Konqobe, Sduduzo Dlamini, Jabulani Ncobeni, Mhlengi Cele noSiyabong­a Mbatha bonke basayine kuMaZulu.

Iqembu laseBay lisayine uManti Mekoa, Veluyeke Zulu, Stanley Muishond lase liboleka uSandile Mthethwa wePirates, Zola Jinxa noNjabulo Ngcobo baMaZulu, Siphelele Mkhulisa noKhaya Shozi beMamelodi Sundowns. U-Itumeleng Shopane weKaizer Chiefs usahlolwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa