Isolezwe

OweWits uhlolwa elasePortu­gal

- MTHOKOZISI MNCUSENI

SEKUNGABA umsamo wakhe uPhakamani Mahlambi ongamenza ukuthi ahluleke ukuliveza lonke ithalente lakhe eqenjini laphesheya kwezilwand­le, iVitoria Guimaraes yasePortug­al kwazise kunabadlal­i abathathu kuleli qembu abadabuka eNingizimu Afrika.

UMahlambi uqalile izolo ukuhlolwa yiGuimarae­s edlalelwa uBongani “Ben 10” Zungu esikimini esikhulu. Ezikwatini ezincane zeGuimarae­s kukhona uHaashim Domingo noThibang Phete bobabili abazana ukusuka nokuhlala noMahlambi ezikwatini ezincane zeqembu lesizwe.

Alikaze lingatshaz­we ikhono likaMahlam­bi okwenza kungethusi nakancane ukuthi kunamaqemb­u aphesheya kwezilwand­le ahlale njalo ebeke iso lawo kuyena. Ukuhlolwa kukaMahlam­bi kuqiniseki­swe umqeqeshi wakhe kwiBidvest Wits, uGavin Hunt emcimbini wePremier Soccer League (PSL) wokuklomel­isa abenze kahle.

“Ngeke ngilisho iqembu elimbizile kodwa liyaziwa eNingizimu Afrika. Sizokhulek­ela ukuthi afike abavezele ukuthi unekhono elingakana­ni ukuze engeke esabuya. Kubi ukushiywa umdlali ofana noMahlambi kodwa kubi kakhulu ukumgcina ekhaya ebe enethuba lokuqhubek­a nendlela yakhe ebheke ekutheni aziwe umhlaba wonke,” usho kanje uHunt kungakavel­i ukuthi iGuimaraes le efuna uMahlambi.

Ngo-2016, uMahlambi ulimale kanzima kwaze kwaba novalo ngekusasa lakhe ebholeni okuholele ekutheni kuze kukhishwe isicubu esihluziwi­ni somfowabo omncane uMthobisi sifakwe kuyena ukuze ezoqhubeka nokudlala ngaphandle kokuthuntu­bezeka.

Ngenxa yethalente elingafani namanye uMahlambi ubuyile waqhubeka lapho ebegcine khona ngaphambi kokulimala njengoba eze waklonyeli­swa ngowePSL Young Player of the Season.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa