OweWits uhlolwa elasePortugal
SEKUNGABA umsamo wakhe uPhakamani Mahlambi ongamenza ukuthi ahluleke ukuliveza lonke ithalente lakhe eqenjini laphesheya kwezilwandle, iVitoria Guimaraes yasePortugal kwazise kunabadlali abathathu kuleli qembu abadabuka eNingizimu Afrika.
UMahlambi uqalile izolo ukuhlolwa yiGuimaraes edlalelwa uBongani “Ben 10” Zungu esikimini esikhulu. Ezikwatini ezincane zeGuimaraes kukhona uHaashim Domingo noThibang Phete bobabili abazana ukusuka nokuhlala noMahlambi ezikwatini ezincane zeqembu lesizwe.
Alikaze lingatshazwe ikhono likaMahlambi okwenza kungethusi nakancane ukuthi kunamaqembu aphesheya kwezilwandle ahlale njalo ebeke iso lawo kuyena. Ukuhlolwa kukaMahlambi kuqinisekiswe umqeqeshi wakhe kwiBidvest Wits, uGavin Hunt emcimbini wePremier Soccer League (PSL) wokuklomelisa abenze kahle.
“Ngeke ngilisho iqembu elimbizile kodwa liyaziwa eNingizimu Afrika. Sizokhulekela ukuthi afike abavezele ukuthi unekhono elingakanani ukuze engeke esabuya. Kubi ukushiywa umdlali ofana noMahlambi kodwa kubi kakhulu ukumgcina ekhaya ebe enethuba lokuqhubeka nendlela yakhe ebheke ekutheni aziwe umhlaba wonke,” usho kanje uHunt kungakaveli ukuthi iGuimaraes le efuna uMahlambi.
Ngo-2016, uMahlambi ulimale kanzima kwaze kwaba novalo ngekusasa lakhe ebholeni okuholele ekutheni kuze kukhishwe isicubu esihluziwini somfowabo omncane uMthobisi sifakwe kuyena ukuze ezoqhubeka nokudlala ngaphandle kokuthuntubezeka.
Ngenxa yethalente elingafani namanye uMahlambi ubuyile waqhubeka lapho ebegcine khona ngaphambi kokulimala njengoba eze waklonyeliswa ngowePSL Young Player of the Season.