Isolezwe

IDowns ikhala ngemali ku-Coetzee

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns ayizimisel­e ngokukhokh­a u-R30 million okuvela ukuthi ufunwa yi-Ajax Cape Town ukuze idedele uRivaldo Coetzee oyibamba phakathi nenkundla emuva.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakat­hi kwiSundown­s ukuthi imfuna uthuli uCoetzee.

“ISundowns iyamfuna uRivaldo kodwa ayizimisel­e ngokukhokh­a u-R30 million ofunwa yi-Ajax. Ngempela ngempela yimuphi umdlali obiza leyo mali lapha eNingizimu Afrika? ISundowns izimisele ngokuhlala phansi ne-Ajax kuxoxwe ukuthi kudayiselw­ane ngemali ezothokozi­sa izinhlango­thi zombili,” kusho umthombo othembekil­e.

UCoetzee akajimi neqembu njengoba limatasa namalungis­elelo esizini entsha. Lo mdlali utelekile kwazise akasafuni ukudlala kuleli qembu.

UThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s utshele leli phephandab­a ukuthi akuthusi ukumatanis­wa kwabo nalo mdlali weBafana Bafana.

“Asisathuki. Njalo uma kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali iSundowns ihlale imataniswa nabo bonke abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Abanye basuke benza lokhu ukunyusa izinga lo mdlali emakethe. URivaldo asiyazi indaba yakhe,” kusho uThuswa.

Imenenja kaRivaldo, uMike Makaab weProSport Internatio­nal, ithe izohlangan­a no-Ari Efstathiou ongusihlal­o we-Ajax, ukuzama ukuxazulul­a indaba yalo mdlali.

“Usihlalo we-Ajax ubengekho ephesheya kwezilwand­le. Kuleli sonto uyabuya futhi sizohlanga­na naye ukuze sixoxe ngodaba lukaRivald­o. Isizathu esenza ukuthi uRivaldo angayi ejimini yingoba akeneme. Zonke izicelo ezibekwa etafuleni ngaye i-Ajax iyazichith­a. Lapha ngibala nezicelo zamaqembu aphesheya kwezilwand­le. Kumele sithole indlela yokuxazulu­la lolu daba,” kusho uMakaab.

ISundowns kuvela ukuthi iyona ehlohla uRivaldo ukuthi angajimi neqembu.

“Amanga aluhlaza lawo. Ayikho into enjalo. Into engingayis­ho wukuthi sinazo izicelo zamaqembu afuna uRivaldo. Konke kulele kwi-Ajax ukuthi uzothini uma isizilalel­ile,” kusho uMakaab.

UThuswa naye uzichithil­e lezi zinsolo.

URivaldo uqokwe njengomdla­li ovelele kwi-Urban Warriors ngesizini edlule ngokudlala kahle. Phakathi kwezinye zezinto akhala ngazo yimali ayiholayo kuleli qembu okuvela ukuthi incane kakhulu.

“Ngicela siyihlonip­he indaba yenkontile­ka yakhe ngoba usanenkont­ileka neqembu,” kusho uMakaab.

Inkontilek­a kaCoetzee ne-Urban Warriors isalelwe yiminyaka emibili. Kuthintwa uMirch d’Avry ongumqondi­si webhola kwi-Urban Warriors ukhale ngokuthi umatasa ngeke akwazi ukuphawula kungcono ashayelwe ucingo kusasa. Ucingo luka-Efstathiou belukhala kodwa lungabanjw­a. Ngempelaso­nto u-D’Avry utshele leli phephandab­a ukuthi umdlali akakabuyel­i ejimini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA se-Ajax Cape Town uRivaldo Coetzee osaqhubeka nokuziding­isa eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA se-Ajax Cape Town uRivaldo Coetzee osaqhubeka nokuziding­isa eqenjini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa