Isolezwe

Wenza izifundo zokuqeqesh­a

- ZAKHELE XABA

UTHUNYELWE “kwafestiya” wayokwenza izifundo zokuqeqesh­a umqeqeshi weBaroka, uKgoloko Thobejane, ofake iqembu ku-Absa Premiershi­p ekuqaleni kwesizini edlule wathi uzowina isicoco seligi.

IBaroka ihlangabez­ane nembibzane esigabeni esikhulu iqeda isizini yokuqala isendaweni ka-15 ku-log nokuyenze izabalazel­e ukubuyela kuPremiers­hip ngokudlala kuma Play-Off. Ngesikhath­i kubonakala ukuthi izinto azimvumi uThobejane maphakathi nesizini, usihlalo uKhurishi Mphahlele, umgudluzil­e waqasha abanye abaqeqeshi ukuthi bahlenge umkhumbi okukhona kubona uJacob Sakala, Mark Harrison no-Edward Williams kodwa abagcine ngokumiswa. Kube sekuqashwa uMilton Dlamini oyifake kuma-Play Offs kodwa wagcina echithiwe kwabuyisel­wa uThobejane.

Ngesikhath­i uThobejane efika kuPremiers­hip akakufihla­nga ukuthi akanazo “izicucu” zokuqeqesh­a kodwa wathi ufuna ukuwina isicoco seligi.

Ngesonto eledlule kuvele ukuthi wenza izifundo zokuqeqesh­a zeSouth African Football Associatio­n (Safa) D Licence okuyizona zokuqala eNingizimu Afrika kulezi zifundo. Ubehambisa­na noBernard Molekwa okuphele isizini ka-2016/2017 esepheka iPolokwane City emuva kokusula kukaLuc Eymael.

UMphahlele uqale wenqaba ukuphumela obala ngezifundo ezenziwa uThobejane.

“Ngeke ngikutshel­e ngeziqu azenzayo kodwa simvumelil­e ukuthi ayofunda. Siyazi ukuthi ulwazi azoluthola luzohlomul­isa iqembu naye uqobo. Kasifuni ukuthi ancike kuBaroka yikho sifuna azithuthuk­ise.”

Ubuye wathi: “Akakaze azenze izifundo zokuqeqesh­a, uyaqala. Siyamkhuth­aza ukuthi azithuthuk­ise kwezokuqeq­esha ukuze azoba yinto ethize ngomuso. Ngifuna afunde agogode kwezokuqeq­esha, awenze wonke amazinga.”

Kusanda kuvela ukuthi iSafa izophoqa bonke abaqeqeshi bayo, ikakhuluka­zi abakuPremi­ership, ukuthi babe neziqu zokuqeqesh­a. Izukhulu zayo zizungenza izwe zihlela izifundo zokuqeqesh­a kusukela emazingeni aphansi.

UNeil Tovey oyinhloko yabaqeqesh­i kuSafa, uthe: “Ngeke ngiphawule kakhulu ngendaba kaThobejan­e ngoba angizazi iziqu anazo kodwa siyeza isikhathi lapho abaqeqeshi bengeke besavunyel­we ukuqeqesha ngaphandle kwemfundo efanele.”

 ??  ?? UBONGI Ntuli AmaZulu FC anethemba lokumthola kuMamelodi Sundowns ukuze azoqinisa ngaye kubagadli THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
UBONGI Ntuli AmaZulu FC anethemba lokumthola kuMamelodi Sundowns ukuze azoqinisa ngaye kubagadli THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KUVELA ukuthi umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane umatasa nezifundo zokuqeqesh­a njengoba kuvalwe isizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X KUVELA ukuthi umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane umatasa nezifundo zokuqeqesh­a njengoba kuvalwe isizini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa