Akanikwe isikhathi umqeqeshi: Dlamini
IMENENJA yaMaZulu FC uQedusizi Dlamini isifongqe isigqoko yacela abalandeli boSuthu ukuthi bamnike isikhathi umqeqeshi uJoey Antipas ngemuva kokushaya udaka kweqembu kuKZN Premier’s Cup ngempelasonto eRichards Bay.
UDlamini uthe sebephume umkhankaso wokuthungatha umgadli ongalibheki ipali nonozinti onamava.
Usuthu lubhabhadiswe ngomafikizolo, uThongathi FC, engompetha be-ABC Motsepe League ngo 2-1 ngempelasonto.
“UBongi Ntuli weMamelodi Sundowns ngumgadli esingathanda ukuba naye eqenjini. Naye uyalithanda iqembu. Inkinga umba eqolo. Siyethemba ukuthi iSundowns izoyehlisa imali eyifunayo ngaye. Okwamanje azikho izingxoxo ezishisayo esesike saba nazo kodwa singathanda abe yilungu leqembu. Emasontweni adlule ubematasa nemidlalo yeCaf Confederation kuPlatinum Stars. Uma singathola yena phambili ngicabanga ukuthi singangingqa izizwe uma ngibheka amafolisi ethu,” kusho uDlamini.
UThulani Thuswa, okhulumela iSundowns, uthe: “Indaba kaBongi Ntuli ngiqala ukuyizwa ngawe. Ibingakaze ifike kimina kodwa ngizozama ukubuza izikhulu zeqembu zingicacisele ngayo. Ngeke ngiphike ngeke ngivume futhi ukuthi ikhona.”
Phambili Usuthu lubophele izinsika uSiyabonga “Bhele” Nomvete noMabhudi Khenyeza. Lithenge uMhlengi Cele obeqhulula amagoli kuThanda Royal Zulu ngesizini edlule.
“Abantu sicela bambekezelele umqeqeshi. Sikhethe ukumgcina ngemuva kokuthi sihlale phansi sabona ukuthi udinga elinye ithuba. Iqembu like labhekana nezinxushunxushu izinyanga ezine. Iqembu beliqala ukudlala umdlalo osezingeni eliphezulu. Njengamanje siku-60% ngokwamalungiselelo eqembu. Kusasa (namuhla) sizodlala neBaroka emdlalweni wesihle ngemuva kwalokho siyibambe kwiMangosuthu Buthelezi Legacy Cup bese sidlale neRichards Bay FC ekuhambeni. Sizovala amalungiselelo ngomqhudelwano waseNkandla. Ngemuva kwalokho ngicabanga ukuthi sizobe sesiku-80% ngokwamalungiselelo ethu. Umqeqeshi siyamethemba ukuthi uzolisiza iqembu ekutheni lithole uzinzo esigabeni esikhulu,” kusho uDlamini.
Abalandeli bebhola sebeqalile ukulingabaza leli qembu kwazise abaningi babona sengathi Usuthu lumoshe imali lithenga igunya lokudlala kuPremiership ngamali elinganiselwa ku-R50 million.
“Abantu abehlise umoya. Iqembu sinalo. Ezinye izindawo esibheke ukuqinisa kuzona yingakwesokunxele emuva nomdlali ozoyibamba enkabeni yenkundla. Kunomdlali oyibamba enkabeni yenkundla ogijima eqenjini laseGoli esixoxa naye. Siyethemba ukuthi izingxoxo zizohamba kahle. Emapalini sibonile ukuthi siyamdinga omunye unozinti ozofaka umbango kulabo esinabo. Sidinga ukukhulisa umbango ngokuletha unozinti onamava,” kusho uDlamini.