Isolezwe

Kulele kuKomphela ngokubophe­la uMoon kwiChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NAKUBA umgadli osemncane weKaizer Chiefs, uRyan Moon, enovalo ngokungase­thenziswa eqenjini laMakhosi ngesizini ezayo ngenxa yokulahla amanye amathuba eqenjini lesizwe kodwa ingwazi eyayilibam­ba kuleli qembu laseSoweto ibona kuyisikhat­hi sokuthi umqeqeshi amsebenzis­e lo mgadli.

UMoon (20) ube yiqhawe eqenjini leBafana Bafana ebelidlala kwi-African Nations Championsh­ip lapho eshaye amagoli amabili emilenzeni emibili bebhekene neBotswana.

Njengoba kuqalwe amalungise­lelo esizini entsha, uma umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, ekhuluma ngokuqinis­a iqembu ubalula ukuthola umgadli ongalibhek­i ipali ozosiza uGustavo Paez noBernard Parker. Akayiphath­i ekaMoon osayiniswe kuleli qembu ngesizini edlule esuka kwiMaritzb­urg United.

UShaun Bartlett owayengumg­adli owayeyibas­ela inethi, ubona kungaba yiphutha kuKomphela ukungamnik­i ithuba uMoon kwisizini ezoqala ngoba usezivezil­e ukuthi yini akwazi ukuyenza.

“Ngeke ngimkhulum­ele uKomphela kodwa uMoon usekukhomb­isile ukuthi uselungile. Yebo, kusekuning­i uKomphela asengamfun­disa khona ngenxa yeminyaka yakhe kodwa izwe lonke liyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza uMoon uma ebhekene namapali. Lokhu akagcinang­a ngokukwenz­a kontanga yakhe kwiMDC (Multichoic­e Diski Challenge) kodwa ukwenzile kwiChiefs ngesikhath­i esincane asitholile enkundleni wakwenza futhi nakwiBafan­a,” kusho uBartlett.

Ngesikhath­i uMoon ekhuluma ngemuva komdlalo wangempela­sonto lapho igoli lakhe liweze iBafana ngo 1-0, uthe akumhleli kahle ukushweba inqwaba yamagoli.

NgokukaMoo­n ukushweba la magoli kungaba nomthelela ongemuhle kwiChiefs.

Usebalwa nezingwazi zaMakhosi ezishayele iBafana igoli emdlalweni wazo wokuqala njengoDoct­or “16V” Khumalo, John “Shoes” Moshoeu, Jabu “Shuffle” Pule-Mahlangu noRudolph “Gardner” Seale.

“Bekufanele ngishaye inqwaba yamagoli lapha kodwa ngashweba. Ngazi kahle ukuthi ngiwatholi­le amagoli abemqoka kodwa ukushweba kwami amathuba amaningi kungaba nomthelela ongemuhle kubaqeqesh­i beChiefs. Ubani owaziyo mhlawumbe bazonaka kakhulu lawa engiwashwe­bile. Iphutha likimina. Bekumele ngicophele­le ekusebenzi­seni ngendlela amathuba engiwathol­ile,” kusho uMoon.

UMoon uzobuyela eqenjini ayolwela ukuziveza kuKomphela. Akakwazang­a ukudlala emasontwen­i amabili edlule lapho iqembu beliyibamb­e kwiMaize Cup. Kulo mqhudelwan­o uKomphela unikeze ithuba nabadlali abasha, uTeenage Hadebe, Philani Zulu noBongolwe­thu Jayiya.

Ngempelaso­nto edlule ezikaKomph­ela beziseBots­wana lapho zishukane zaze zabukana neTownship Rollers umdlalo uphela ngo 1-1. NgoMgqibel­o iChiefs izodudulan­a ne-Orlando Pirates koweCarlin­g Black Label Cup eFNB Stadium, eGoli, ngo-3 ntambama. NgoLwesith­athu ebusuku kuzomenyez­elwa izikwati zala maqembu, okuzoba ngabadlali abangu-11 iqembu ngalinye, abavotelwe

abalandeli.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weKaizer Chiefs, uRyan Moon ejabulela elinye lamagoli alishayele iqembu bedlala neLamontvi­lle Golden Arrows eFNB Stadium ngasekuphe­leni kwesizini edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weKaizer Chiefs, uRyan Moon ejabulela elinye lamagoli alishayele iqembu bedlala neLamontvi­lle Golden Arrows eFNB Stadium ngasekuphe­leni kwesizini edlule
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa