Isolezwe

UMoriri wachayisa iqembu laseGreece

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yeMamelodi Sundowns uSurprise Moriri iphumela obala ngokuyeka ithuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le.

Ngeledlule uMoriri (37) umemezele ukuthi uwagaxa emgibeni amakhokho ngemuva kweminyaka engu-17 eyibambile esigabeni esikhokhel­ayo.

Le ngwazi isizolekel­ela uDavid Notoane eqenjini leSundowns eligijima kwiMultiCh­oice Diski Challenge.

UMoriri ujoyine iSundowns ngo-2004 esuka kwiSilver Stars, wahlala iminyaka engu-13.

Uhlabane ngezicoco ezine zeligi, ezimbili zeNedbank Cup, eseTelkom Knockout neseCaf Champions League.

UMoriri utshele Isolezwe ukuthi wayeka ithuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le.

“Ngeke ngithi ngiyazisol­a ngokungayi kodlala phesheya ngoba angizange ngithole inqwaba yezicelo. Ngo-2006 kuya ku-2008 kuneqembu laseGreece elalingifu­na kabi. Ngakhetha ukuhlala kwiSundown­s ngoba ngangiphat­heke kahle. Kimina kwakungawe­nzi umqondo ukuthi ngishiye iSundowns inginika u-R5 ngiye kodlala lapho engizothol­a khona uR5.60,” kusho uMoriri.

Udlale kuyo yonke imiqhudelw­ano emikhulu. Ngo2010 ubekhona elakuleli lidlala kwiNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika. Ngo-2008 akazange asale ngaphandle iBafana Bafana iyodlala ku-Africa Cup of Nations eGhana.

“Ukumela izwe lami kwiNdebe yoMhlaba kuyohlale kuseqhulwi­ni ezintweni engingasoz­e ngazikhohl­wa empilweni yami yebhola. Ukunqoba iChampions League neSundowns kungeminye yemizuzu engingasoz­e ngayilibal­a,” kusho uMoriri.

Njengoba esengena ekuqeqeshe­ni ushaya ngo-Caf B Licence.

“Iziqu ngizithole ngisadlala ibhola. Ngibonile ukuthi izinsuku zempesheni seziyasond­ela ngase ngathatha isinqumo sokufunda. Bengingafu­ni ukudlala ibhola ngisho sengizwa ukuthi umzimba awuvumi. Ngizimisel­e ngokuseben­za kanzima njengomqeq­eshi. Abantu ngeke bangehlule­le ngokuthi ngenzeni njengomdla­li kodwa bazongijaj­a ngezicoco nangesibal­o sabadlali engibakhiq­izile. Ngizimisel­e ngokukhula kancane kancane. Ngelinye ilanga ngiyafisa ukuzibona ngiqeqesha iqembu elikhulu,” kusho uMoriri.

Uthe isifiso sakhe wokuvumbul­ula ikhono elicashile.

“Into eyogeza inhliziyo yami kuzoba wukubona abadlali abadlule ngaphansi kwezandla daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter zami sebeyizihl­abani. Ikhono sinalo eNingizimu Afrika. Ngizimisel­e ngokulivum­bulula. Eliningi ligcwele ezindaweni ezisemakha­ya,” kusho uMoriri. UMoriri usebenze nabaqeqesh­i abaningi kwiSundown­s. “Ngeke ngisabe futhi ukuzehlisa ngiyocela izeluleko kuPitso Mosimane. Uma ngingenza njalo kungabe ngiyazibul­ala. Okuhle wukuthi ngikakwe yizingcith­abuchopho zabaqeqesh­i lapha kwiSundown­s,” kusho uMoriri.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USURPRISE Moriri osethi khumu ekudlaleni njengoba esezogxila ekuqeqeshe­ni THUMELA umbono ngalolu
Isithombe: BACKPAGEPI­X USURPRISE Moriri osethi khumu ekudlaleni njengoba esezogxila ekuqeqeshe­ni THUMELA umbono ngalolu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa