Uqede imibuzo ngoSikhakhane neRichards Bay FC
USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, ukubeke kwacaca ukuthi uRoger Sikhakhane usengumqeqeshi weqembu.
USikhakhane, osize iThanda Royal Zulu yadla umhlanganiso kwiNational First Division (NFD), ubengekho ebhentshini ngesikhathi ezakhe zithelwa othulini yiReal Kings ngo 3-1 kumaphenathi emdlalweni we-quarterfinal yeKZN Premier’s Cup ngempelasonto eRichards Bay.
UJomo Ntuli oyiphini ubehlezi ebhentshini. Abalandeli basale benemibuzo ngekusasa likaSikhakhane kodwa uBiyela ukuqinisekisile ukuthi usengumqeqeshi weqembu.
UBiyela ube ngusihlalo weRichards Bay FC emva kokuthenga ilungelo laMaZulu FC lokudlala kwiNFD. Usuthu luthenge ilungelo leThanda lokudlala kwi-Absa Premiership. Ngesizini edlule uBiyela ubeyisikhulu esiphezulu kuMabhubesi.
“Isimo sikaRoger akusona isimo esingalawulwa yimina. Isimo sakhe yisimo esithinta impilo yakhe ngakho ngeke ngiqinisekise ukuthi uzobuyela nini ebhentshini. Ngicabanga ukuthi akusiyona imfihlo ukuthi emasontweni amathathu adlule ukhombise ukuba sesimeni esihle kakhulu. Usebuyele ejimini. Ubekhona iviki lonke eledlule. Nangesikhathi sekhefu emdlalweni wethu wanamuhla (esho ngoMgqibelo) wehlile wazokhuluma nabadlali. Abadlali esibasayinisayo ngabadlali abafunwa nguyena umqeqeshi. Engingakuqinisekisa kubalandeli wukuthi umqeqeshi uRoger nguyena ozohola iqembu ngesizini ezoqala,” kusho uBiyela.
IRichards Bay FC ilahlekelwe abadlali abasayine emaqenjini adlala kwi-Absa Premiership. UZitha Macheke ubuyele kwiChippa United kwathi uThabo Maele waphindela kwi-Orlando Pirates.
U-Ayabulela Konqobe, Sduduzo Dlamini, Jabulani Ncobeni, Mhlengi Cele noSiyabonga Mbatha bonke basayine kuMaZulu.
Iqembu laseBay lisayine uManti Mekoa, Veluyeke Zulu, Stanley Muishond lase liboleka uSandile Mthethwa wePirates, Zola Jinxa noNjabulo Ngcobo baMaZulu, Siphelele Mkhulisa noKhaya Shozi beMamelodi Sundowns. U-Itumeleng Shopane weKaizer Chiefs usahlolwa.