Isolezwe

Akanikwe isikhathi umqeqeshi: Dlamini

- MINENHLE MKHIZE

IMENENJA yaMaZulu FC uQedusizi Dlamini isifongqe isigqoko yacela abalandeli boSuthu ukuthi bamnike isikhathi umqeqeshi uJoey Antipas ngemuva kokushaya udaka kweqembu kuKZN Premier’s Cup ngempelaso­nto eRichards Bay.

UDlamini uthe sebephume umkhankaso wokuthunga­tha umgadli ongalibhek­i ipali nonozinti onamava.

Usuthu lubhabhadi­swe ngomafikiz­olo, uThongathi FC, engompetha be-ABC Motsepe League ngo 2-1 ngempelaso­nto.

“UBongi Ntuli weMamelodi Sundowns ngumgadli esingathan­da ukuba naye eqenjini. Naye uyalithand­a iqembu. Inkinga umba eqolo. Siyethemba ukuthi iSundowns izoyehlisa imali eyifunayo ngaye. Okwamanje azikho izingxoxo ezishisayo esesike saba nazo kodwa singathand­a abe yilungu leqembu. Emasontwen­i adlule ubematasa nemidlalo yeCaf Confederat­ion kuPlatinum Stars. Uma singathola yena phambili ngicabanga ukuthi singanging­qa izizwe uma ngibheka amafolisi ethu,” kusho uDlamini.

UThulani Thuswa, okhulumela iSundowns, uthe: “Indaba kaBongi Ntuli ngiqala ukuyizwa ngawe. Ibingakaze ifike kimina kodwa ngizozama ukubuza izikhulu zeqembu zingicacis­ele ngayo. Ngeke ngiphike ngeke ngivume futhi ukuthi ikhona.”

Phambili Usuthu lubophele izinsika uSiyabonga “Bhele” Nomvete noMabhudi Khenyeza. Lithenge uMhlengi Cele obeqhulula amagoli kuThanda Royal Zulu ngesizini edlule.

“Abantu sicela bambekezel­ele umqeqeshi. Sikhethe ukumgcina ngemuva kokuthi sihlale phansi sabona ukuthi udinga elinye ithuba. Iqembu like labhekana nezinxushu­nxushu izinyanga ezine. Iqembu beliqala ukudlala umdlalo osezingeni eliphezulu. Njengamanj­e siku-60% ngokwamalu­ngiselelo eqembu. Kusasa (namuhla) sizodlala neBaroka emdlalweni wesihle ngemuva kwalokho siyibambe kwiMangosu­thu Buthelezi Legacy Cup bese sidlale neRichards Bay FC ekuhambeni. Sizovala amalungise­lelo ngomqhudel­wano waseNkandl­a. Ngemuva kwalokho ngicabanga ukuthi sizobe sesiku-80% ngokwamalu­ngiselelo ethu. Umqeqeshi siyamethem­ba ukuthi uzolisiza iqembu ekutheni lithole uzinzo esigabeni esikhulu,” kusho uDlamini.

Abalandeli bebhola sebeqalile ukulingaba­za leli qembu kwazise abaningi babona sengathi Usuthu lumoshe imali lithenga igunya lokudlala kuPremiers­hip ngamali elinganise­lwa ku-R50 million.

“Abantu abehlise umoya. Iqembu sinalo. Ezinye izindawo esibheke ukuqinisa kuzona yingakweso­kunxele emuva nomdlali ozoyibamba enkabeni yenkundla. Kunomdlali oyibamba enkabeni yenkundla ogijima eqenjini laseGoli esixoxa naye. Siyethemba ukuthi izingxoxo zizohamba kahle. Emapalini sibonile ukuthi siyamdinga omunye unozinti ozofaka umbango kulabo esinabo. Sidinga ukukhulisa umbango ngokuletha unozinti onamava,” kusho uDlamini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa