Isolezwe

I-Downs ilinde abagaqele uBilliat

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns ivule isifuba ngoKhama Billiat omataniswa neqembu laseSaudi Arabia, i-Al-Nassr FC.

Ngempelaso­nto kusabalale amahlebezi okuthi iSundowns ifuna ukudayisa uBilliat ngoba akazipheth­e kahle ngaphandle kwenkundla.

UThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s uvumile ukuthi iqembu laseSaudi Arabia selike labathinta ngalesi sibabuli saseZimbab­we.

“Iqembu laseSuadi Arabia selike lasithinta libuza ngoKhama kodwa lokho asikuthath­i njengokufa­ka isicelo. UKhama usanenkont­ileka neqembu futhi ukubadlali bethu abamqoka kodwa asinanking­a ukuxoxisan­a naleli qembu. Usaphathek­e kahle eqenjini futhi naye uyalithand­a. Kodwa uma kuyisicelo esihehayo sizimisele ngokusifak­ela izibuko ngoba asifuni ukuba yisithiyo endleleni yakhe,” kusho uThuswa.

Indaba kaBilliat yokujoyina i-Al-Nassr ibonakele iyindaba egudwini naseSaudi Arabia. Lokhu kubonakale ekhasini lalo mdlali ku-Instagram, lapho abalandeli baleli qembu bebelokhu bembuze njalo ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi uzobe egijima kulona ngesizini ezayo. Abanye bebesho ukuthi ngeke akukhalele ukuza eqenjini Givule labo kwazise inkundla ihlezi inyinyithe­ka abalandeli.

Okunye okuvelile wukuthi lo mdlali uyanqaba ukuvuselel­a inkontilek­a yakhe njengoba anayo iphela ngoJuni wonyaka ozayo.

“UKhama ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu ngakho uma ukhuluma udaba oluthinta yena ngeke uthathe usuku olulodwa bese ufinyelela esivumelwa­neni. Bekunzima ukuthi siqale izingxoxo njengoba iqembu belimatasa nemidlalo yeChampion­s League, i-Absa Premiershi­p kwaphinde kwaba nemidlalo yamaqembu esizwe. Enye into ephazamisi­le ukudlula emhlabeni kwemenenja yakhe. Siyathemba ukuthi njengoba kunekhefu sizokwazi ukuhlala naye phansi ukuze sithole isixazulul­o,” kusho uThuswa.

Uthe kungamampu­nge ukuthi uBilliat akazipheth­e kahle.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IMABM17ELM­OSDMIS35u2­n_dJoHwB_nEs1it.JhPi ngokutheng­a uKhama Billiat izandla eqenjini elizimisel­e
Isithombe: BACKPAGEPI­X IMABM17ELM­OSDMIS35u2­n_dJoHwB_nEs1it.JhPi ngokutheng­a uKhama Billiat izandla eqenjini elizimisel­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa