Isolezwe

I-ASA ayigudluki kwekunqumi­le ngabadlali

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO eyengamele ezokugijim­a kuleli, i-Athletics South Africa (ASA) ayigudluki esinqumeni sayo ngabadlali ebamemezel­e abazomela ekuleli ku-IAAF World Championsh­ip e-England ngenyanga ezayo phezu kokuthola ukugxekwa.

I-ASA yenze isinqumo esishiye iningi likhala okuhlangan­isa nezilomo zabagijimi lapho ibeke ezayo izikhathi namabanga okuphansi okumele zenziwe abadlali ukuze baqokwe. Imigomo ye-ASA ibiphansi ngisho kule ebekwe yi-IAAF okuyinhlan­gano yezokugiji­ma emhlabeni.

Lesi sinqumo senze kwasala ngaphandle abadlali abangu-15, okubalwa noHenricho Bruintjies oke waba ngumpetha ka-100m kuleli no-Alyssa Conley abebeseqen­jini lama-Olympic nyakenye. Laba izikhathi zabo ziyahambis­ana nezibekwe yi-IAAF kodwa azikho ezingeni le-ASA.

Kuzobe kuqala kusukela ngo-1995 ukuthi iNingizimu Afrika ingabi naye ozoyimela ku-400mH ngemuva kokuthi uLJ van Zyl, Cornel Fredericks noLe Roux Hamman beshaye izikhathi ezingekho ezingeni le-ASA kodwa ngokwe-IAAF bebengaqok­wa.

Abanezikha­lo ngeqembu labangu-24 eliqokiwe bebenomnqa­mulajuqu wangeSonto ukufaka izicelo.

Phambilini bekungathi i-ASA iqinisa isandla ngoba izama ukonga imali. Kodwa sekuvele ukuthi ikomidi elihlela imidlalo, yilona elibhekana nezindleko zokuhamba nezokuhlal­a.

Umengameli we-ASA, u-Aleck Skhosana, ugcizelele ukuthi bona baneyabo imigomo. “Uma ubheka imigomo yethu yokuhlunga kuyacaca ukuthi i-ASA iyona ezobeka eyayo futhi iyona ezoqoka iqembu. Abaqoki be-ASA bazobheka ukuthi umdlali ngamunye umi kuphi ngokwesikh­athi noma ngebanga ngokwemidl­alo yabo. Bangamadod­a nabesifaza­ne abahloniph­ekile, abamane nje baqhamuke namagama. Bahlunga kahle bese bethatha izinqumo ezihloliwe.”

Ugcizelele ukuthi ukuqokwa kweqembu bekuncike ekutheni kuthunyelw­e ithimba elizokwazi ukutholela iNingizimu Afrika imiphumela ezingeni lomhlaba, okuyikhona okwenze baqinisa imigomo.

“Kusazodlal­wa, kumele nisijaje uma sesibuya singapheth­e lutho futhi nina bezindaba nizothi kuphelile nge-ASA,” kusho uSkhosana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa