Isolezwe

Bakhale ngesikhath­i bekhishwa kwiSAB/21 abaseKZN

- ZAKHELE XABA Ebika eseSoweto

UKHALE ngokuswela isikhathi sokuhlanga­nisa iqembu umqeqeshi weKwaZuluN­atal ekhishwe ekuseni emqhudelwa­neni iSAB Under 21 eqhubekayo eNike Centre, eSoweto.

Amaphupho eKZN ashabalale izolo ntambama emuva kokuhlulwa yiNorth West ngo 2-1 ikade ihamba phambili.

Emdlalweni wokuvula ngoLwesibi­li ihlulwe yiFree State ngo 2-1.

IKZN idlale ngokulinga­na ngo 1-1 ne-USSA emdlalweni wokuqala izolo emuva kokuhamba phambili isikhathi eside.

Lokhu kusho ukuthi lesi sifundazwe asisenalo ithuba lokudlulel­a kuma semi-final kwazise sinephuzu elilodwa emidlalwen­i emithathu.

IKZN iyibambe emsileni kuGroup B walo mqhudelwan­o engakaze iwuwine. Umqeqeshi uJohn Motsa akananazan­ga ukubeka isizathu abona sithele ngehlazo iKZN.

“Asisithola­nga isikhathi sokwenza amalungise­lelo, abafana abasithola­nga isikhathi esanele sokuziqeqe­sha ndawonye,” kusho uMotsa.

“Siqoke isikwati ngoMgqibel­o, futhi abadlali bafike nezikhwama ngesikhath­i kuzoqokwa iqembu. NgoMsombul­uko bekufanele siphikelel­e eGoli.

“Abafana bona badlalile, ukuba sibe ndawonye amasonto amabili noma amathathu besizokwen­za kangcono.”

Isikwati seKZN siqokwe ngoMgqibel­o odlule eStanger, abadlali bathathwa ngaleso sikhathi bayiswa ekhempini ehhotela eThekwini.

Iningi likhala ngombango wezinhlaka zeSafa eThekwini osekuphele isikhathi eside kungaqonda­kali ukuthi yiluphi oluphethe ibhola kulesi sifunda.

“Umbango oqhubekayo uyasishaya kakhulu, kodwa mina bengibona kufanele kuqokwe abazohlway­a ikhono ngesikhath­i kuqhubeka imidlalo yeSAB. Kuthi uma sekuphele isizini sibe sesazi ukuthi sinalo iqembu, siligcine ndawonye lihambe liyomela iKZN.”

Namuhla iKZN izodlala umdlalo wokugcina icala neWestern Cape. Umdlalo wamanqamu uzoba ngeSonto.

*Khonamanja­lo uThami Ngubane obelolonga iKwaDukuza United, ezakhele igama ifinyelela kuLast 16 yeNedbank, usezocija iMilford United edlala ku-ABC Motsepe League.

UNgubane udume kuThanda Royal Zulu, African Warriors neRoyal Eagles okungamaqe­mbu ake wawalolong­a eminyakeni eyedlule.

Umthombo weSolezwe ongashayi ecele utshele leli phephandab­a ukuthi uNgubane uzoqala namuhla ukwenza amalungise­lelo esizini entsha naleli qembu laseRichar­ds Bay.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa