Isolezwe

UThandolwe­thu kolusha kwi-ECR

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZIBONA efike ngesikhath­i esikahle kwi-East Coast Radio obengumsak­azi weGagasi FM, uThandolwe­thu Ngidi, okuthe kungakaphe­li nezinyanga ezimbili efikile wakhushule­lwa kwesinye isikhundla.

UThandolwe­thu ukhuze ibuya kwi-ECR ekuqaleni kwenyanga edlule esuka kwiGagasi lapho ayethula khona uhlelo lwantambam­a phakathi nesonto noTrevor “TP” Phillips.

Ufike wenza uhlelo i-East Coast Love Songs ngo-9 kuya ku-12 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesine.

Kuye njengokubi­ka kweSolezwe emasontwen­i edlule ngesikhath­i lo msakazo umemezela izinguquko zawo eThe Oyster Box, eMhlanga izolo ekuseni.

UThandolwe­thu usezokwenz­a uhlelo i-East Coast Urban ngo-6 kuya ku-9 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesine. Ungena esikhaleni sikaBongan­i Mtolo osezongena noMags ngo-3 kuya ku-6 phakathi nesonto nokuwuhlel­o obelwenziw­a nguPhat Joe.

Uzophinde abuye ngeSonto ngo-10 kuya ku-2 ntambama okuyisikha­thi obekungena ngaso uThato Molamu oseyolingi­sa kwiThe UThandolwe­thu uthe akukho okuzoshint­sha ngaye. Uthe uma engasebenz­i isikhathi esiningi usichitha noTP osenza uhlelo lwantambam­a noNomfundo Mkhize kwiVuma FM.

“Kwesinye isikhathi uma ngikhuluma into emoyeni kuke kube ngathi uzophendul­a kanti akekho sengingedw­a,” kusho uThandolwe­thu.

Uthe sekuzoba lula ukuthi abantu bamlalele. Uhalalisel­e uBongani ngesikhala sakhe esisha.

UBongani, ongakaze asakaze kwenye indawo ngaphandle kwe-ECR, uthe uzobe esakaza sengathi “uzixoxela namajita”.

“Abasakazi abaningi manje bakhuluma ngezinto ezenzeka kwi-internet. Mina ngifuna sizixoxele ngokwenzek­a empilweni yabantu abalaleli nabo bakhulume,” kusho uBongani.

Uthe kufana nokufezeka kwephupho ukuthola lolu hlelo. Elinye iphupho asesebenze­la ukulifeza wukuthola uhlelo lwasekusen­i.

Lolu hlelo njengamanj­e lwenziwa wuDarren Maule, Keri noSky. Umphathi wezinhlelo uZane Derbyshire uthe uDarren bamnikeze inkontilek­a yeminyaka emithathu ngenxa yokuthi uhlelo lwakhe lwenza kahle.

Izinguquko ziqala ngoMsombul­uko.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa