Isolezwe

Ubafihlele induku emqubeni uCeleste

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI weSibaya nosenyamal­ele kuso, uCeleste Ntuli, uthi uzobuya kulo mdlalo yize incane imali esekulingi­seni kuneyamahl­aya.

Ukusho lokhu enkulumwen­i abe nayo neSolezwe ngaphambi kokuqala umjikelezo wakhe wamahlaya ozoba kusasa, ePlayhouse, eThekwini.

Lo mjikelezo ozohambela lonke elakuleli ubizwa ngeCeleste Ntuli in Black Tax.

Le ntokazi ithe, ukubonakal­a kwayo emdlalweni Isibaya kuyenze yafinyelel­a ezingeni ekulo manje.

“Ngiyakutha­nda ukulingisa, kodwa akuwadluli amahlaya. Ukuya kwami eGoli ngangiyoth­ungatha into ezongenza ngaziwe ngabantu ukuze kuvuleke amathuba amaningi emahlayeni. Lokho kwenzeka ngesikhath­i ngijoyina Isibaya,” kusho uCeleste.

Uthe ithuba alithole kulo mdlalo ulithakase­le kakhulu kodwa empilweni yakhe ufuna ukukhulisa umkhakha wamahlaya ukuze uhlonishwe njengeminy­e.

“Ngimema bonke abantu baKwaZulu-Natal beze ngobuningi babo njengoba ngizoqala uhambo lwami lokujabuli­sa

abathandi bamahlaya nabalandel­i bami kulo mcimbi,” kusho uCeleste.

Uthe ngonyaka odlule wawenza umcimbi ofanayo kodwa wangaba yimpumelel­o ngenx a yokuthi wayematasa eqopha kuSibaya.

“Ngikhethe ukuthi ngime ekuqopheni ngoba ngifuna ukunikela sonke isikhathi sami ekuhambele­ni amadolobha ahlukene. NgoSepthem­ba ngizohambe­la amanye amazwe engimenywe kuwo njengoba ngizoya konandisa eNigeria,” kuchaza yena.

Uthe lesi yisikhathi sokuthi azenzele imali ngento yakhe azisusele yona phansi.

Kulo mcimbi uthe ufuna abantu ukubashiya bebambe ongezansi njengoba efihle induku emqubeni ngokuzokwe­nzeka kusasa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCELESTE Ntuli ozoqala umjikelezo wamahlaya ozoba ngoMgqibel­o ePlayhouse, eThekwini.
Isithombe: SITHUNYELW­E UCELESTE Ntuli ozoqala umjikelezo wamahlaya ozoba ngoMgqibel­o ePlayhouse, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa