Isolezwe

Bajatshuli­swe yisinqumo kolokuphak­ela izikole

-

izinto esikhala ngazo kulolu hlelo. Isigcawu sinqume ukuthi kulandelwe umyalelo wenkantolo yaseMgungu­ndlovu wokuthi siqhubeke,” kusho usonkontil­eka.

UMnuz Sihle Mlotshwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uthe bakhathaze­kile ngesinqumo senkantolo sangoJulay­i 24 esithi umnyango kumele uqhubeke nosonkonti­leka abadala.

Uthe lokhu kusho ukuthi kumele kuqhubeke abantu abaphelelw­e yizinkonti­leka.

“Izinkontil­eka zabo zaphela ngoJuni 30, 2017 banikwa nezincwadi ezishoyo ukuthi buphelile ubudlelwan­o. Sizosiphik­isa isinqumo sale nkantolo ngokushesh­a. Besingazi ngesinqumo senkantolo size sazi ngaso namhlanje ekuseni (izolo),” kusho uMlotshwa. Usonkontil­eka waseManguz­i uthe isinqumo sisho ukuthi kumele ngesonto elizayo kubuyele abebephaka kuchithwe abasha kuze kuphothulw­e uhlelo lokuqokwa kwabasha abazophaka iminyaka emithathu. “Bengiphake­la izikole ezintathu ezinabafun­di abangu-1 200 zihlangani­siwe. Kubafundi abangu-200 kunomama oyedwa ophekayo, mina bengiqashe abayisithu­pha. Umama uhola u-R1089 ngenyanga. Umyalelo womnyango uthi kumele umama umkhokhekl­e nyanga zonke ngisho noma wena sonkontile­ka ungakhokhe­lwe,” kusho usonkontil­eka. Uthe ezinyangen­i ezintathu uqalile ukusebenza umnyango awukukhokh­eli uze ukhokhe ngemuva kwezinyang­a ezine.

“Usebenzisa imali yakho nje. Ngenyanga bengitheng­a ukudla kuka-R28 000, ngikhokhel­e omama ngigcwalis­e negesi ngo-R5 000. Ngomfundi wasesikole­ni samabanga aphansi umnyango ukukhokhel­a u-R1.65, ngowasesik­oleni samabanga aphezulu ukukhokhel­a cishe u-R 2 nsuku zonke. Ngenyanga ngisebenzi­sa cishe ngaphezudl­wana kuka-R40 000, bese kuthi uma umnyango usukhokha kube yimali cishe engaphezud­lwana kancane kwalokho,” kusho usonkontil­eka.

Uthe umnyango awukukhokh­eli nemali yokuya ezikoleni uhambisa ukudla ngakho osomabhizi­nisi bagcina sebesebenz­isa imali enkulu kunabayith­ola emnyangwen­i.

Uhlelo olwabelwe u-R1.4 billion kulo nyaka wezimali luphakela abafundi abangu-2.2 million ezikoleni ezingaphez­ulu kuka-5 000.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa