Isolezwe

Inyanga isolwa ngokudlwen­gula indodakazi yethwasa

- ZANELE MTHETHWA

KUSOLWA inyanga yaseShowe ngokudlwen­gula indodakazi yethwasa layo, okuthiwa beliyelaph­a ikhulelwe.

Le nyanga engakabosh­wa, kuthiwa ikhohlise lo wesifazane oneminyaka engu-20 ngokuthi iyamelapha ngomuthi ewugcobe esithweni sayo sangasese.

Lo wesifazane ongumfundi eMgitshwa High, kuthiwa unengane enezinyang­a ezimbili.

Kuthiwa ubevele ehamba yona le nyanga esakhulelw­e kodwa akucaci ukuthi ibimelapha ngayiphi indlela.

Kuthiwa lesi sigameko senzeka ngeSonto lomhla ka-16 kuJulayi.

Kuvela ukuthi lo mfundi wayesekhay­a esigodini saseKhabin­gwe ngesikhath­i uyise efika nombiko wokuthi inyanga iyamdinga, ifuna azolala emzini wayo.

Kuthiwa umfundi unikele khona emzini wenyanga eMlalazi ngoba vele ubelashwa khona. Esefikile inyanga yambuza ukuthi uyisaphi ingane ngoba ubize yena kuphela. Kuvela ukuthi inyanga ibilise amanzi okumgqumis­a, baya ehlathini iyomgcaba sekuyizith­uba zabo-6 ntambama. Ingane isale nendodakaz­i kamsolwa ekhaya.

Inyanga ibuye yathi kumele baye endaweni esithele khona ehlathini ngoba akumele baphazamis­eke.

Iyalele lo mfundi ukuthi alale etsheni ngesikhath­i imgcoba umuthi esithweni sayo sangasese. Kuthiwa yenqabile umfundi efuna ukuzifaka yena umuthi, yathi kumele ufakwe yiyo.

Igcine imdlwengul­ile baphindela emzini wayo, umfundi walala khona wabuyela ekhaya ngakusasa.

Kuthiwa inyanga isabise ngokuthi uma etshela amaphoyisa kukhona okubi okuzokwehl­ela umgilwa nomndeni wakhe.

Umfundi wehlulekil­e ukuthula wabikela udadewabo, omyalele ukuthi atshele abadala.

Ubikele uthisha wakhe odlulisele udaba kosonhlaka­lahle kwavulwa necala.

Icala liphenywa wuphiko olubhekene namacala ezomndeni nokunukube­zwa ngokocansi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­e uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi livuliwe icala.

“Amaphoyisa aseShowe aphenya icala lokudlweng­ulwa kowesifaza­ne oneminyaka engu-20. Umsolwa uyaziwa futhi uzoboshwa maduze.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa