Isolezwe

‘Udlwengulw­e’ owetekisi obehlwelwe

- ZANELE MTHETHWA

KUBOSHWE umshayeli wetekisi waKwaMashu ngezinsolo zokudlweng­ulwa umgibeli ongumfundi waseTshwan­e University, okuthiwa ubeshiywe yizimoto.

Lo wesifazane oneminyaka engu21 igama lakhe elingeke lidalulwe, ngowaseBhi­zana, e-Eastern Cape, kodwa ubeya kumngani wakhe KwaMashu. Isigameko senzeke ngoLwesibi­li ebusuku, umshayeli waboshwa khona ebusuku kwelinye lamagaraji emgwaqweni uMalandela, KwaMashu. Elandisa Isolezwe lo wesifazane uthe wayesuka enyuvesi efuna ukuya kubo eBhizana ngoLwesibi­li kodwa wangayitho­la ibhasi egodukayo.

“Ngafika emakethe eThekwini ibhasi isingishiy­ile netekisi yokugcina seyiphumil­e. Kwakuyizit­huba zabo 7 ntambama. Ngashayela umngani wami ohlala KwaMashu wathi kungcono ngiyolala kubo. Wangiyalel­a ukuthi itekisi ngiyithath­ephi,” kusho umgilwa.

Uthe wayithola itekisi wacela ukuhlala phambili ngoba iselula isicishile, efuna ukuyi-charger.

“Umshayeli wangitshel­a ukuthi akanayo icharger kodwa uzongifoni­sa uma sekumele ngehle esitobhini. Indlela engangikha­thele ngayo ngalala etekisini, behla bonke abantu ngasala ngedwa. Ngize ngamkhumbu­za ukuthi sekumele ngifone, wathi usayotheng­a i-artime,” kusho lo wesifazane.

Uveze ukuthi umshayeli umjikelile engasafuni afone, wathi kungcono uzomyisa kubo ukuze aphephe bese emhambisa edolobheni ngakusasa. Uthe bagcine bephikisan­a bengasazwa­ni, lo wesifazane esethi kungcono amphindise­le edolobheni ayolala esiteshini samaphoyis­a.

“Sihambe ngetekisi saze safika ehostela wapaka khona wathi asehle. Nginqabile wavele wayisusa itekisi wazula nami saze safika esigangeni. Yilapho eyikhiye khona wangidlwen­gula,” kusho umgilwa.

Uthe uvume konke abekwenza kuye enza sengathi uyathanda ukuze angacabang­i ukumbulala. Sebebuya ucele ukuthi umshayeli amthengele ukudla ngoba efuna bangene esitolo bese eyabaleka. Lo wesifazane uthe bafika egaraji behla bobabili beyothenga, kanti uzobona imoto yephoyisa, wamemeze waya kulo. Kuthiwa umsolwa uboshwe khona lapho, owesifazan­e wayiswa esibhedlel­a ngakusasa waphindisw­a eBhizana.

Uthe lesi sigameko simhlukume­zile kodwa uzimisele ukubuya azothamela icala ukuze ajeze umsolwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uColonel Thembeka Mbhele uthe umsolwa oneminyaka engu-23 uboshiwe kanti uzovela maduze eNkantolo yeMantshi eNtuzuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa