Isolezwe

Kubuyise uvalo ukubulawa kwababili eGlebe Hostel

- MLUNGISI GUMEDE

AMAPHAPHU aphezulu eHostela iGlebeland­s ngemuva kokubulawa kwabantu ababili ezehlakalw­eni ezahlukene kuleli hostela kungakapho­li maseko ikhomishin­i ephenya ngokubulaw­a kwabantu eKZN ihambele le ndawo.

Ukubulawa kwalaba ababili, uMnuz Mluleki Mdletshe (32) noNkk Sibongile Mtshali (53), kwenze safinyelel­a ku-91, isibalo sabantu asebebulew­e kuleli hostela eselidume kabi kusukela kuqale lesi sihlava eminyakeni embalwa edlule.

UMdletshe kuthiwa bese kungokwesi­bili ehlaselwa njengoba asinda ngokulambi­sa esehlakalw­eni sokuqala ngo-2015.

Ukubulawa kukaMdlets­he kulandelwe wukubulawa kukaNkk Mtshali obenesitol­o esincane ngaphakath­i ehostela.

Umthombo weSolezwe ohlala kuleli hostela uthe uvalo seluqale phansi kubantu basehostel­a ngemuva kwalezi zigameko zangoLwesi­thathu.

“Bese sithi isimo sesiqala ukudamba kodwa kubukeka sengathi sesiqala phansi ukushuba,” kusho umthombo,

Okhulumela amaphoyisa aKwaZuluNa­tal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala ngesehlaka­lo sangoLwesi­thathu ebusuku.

“Owesilisa oneminyaka engu-32, udutshulwe ngabantu abangaziwa ekhanda, waphuthuny­iswa esibhedlal­a lapho efike washonela khona, imbangela yokubulawa kwakhe ibingakazi­wa,” kusho uMbhele.

Uthe khona kuleli hostela kuphinde kwadutshul­wa nowesifaza­ne ongumnikaz­i wesitolo.

“Nakusona lesi sigameko imbangela yokubulawa kwakhe ibingakazi­wa, kusaphenyw­a,” kusho uMbhele.

Uthe amaphoyisa atshaliwe kuleli hostela, aqapha ubusuku nemini.

Isishoshov­u esilwela amalungelo abantu esisiqaphe ngeso lokhozi isimo kuleli hostela, uNksz Vanessa Burger, sithe bese kungokwesi­bili uMdletshe edutshulwa njengoba ahlaselwa ngendlela efanayo nango-2015.

“Nango-2015, wayelalelw­e unyendle ngabahlase­li esebuyela endlini, namanje kwenzeke okufanayo kodwa kulokho wangasinda,” kusho uNksz Burger.

UNksz Burger uthe esehlakalw­eni sika-2015, sokuhlasel­wa kukaMdlets­he kwasoleka izinkabi ezihlala khona kuleli hostela e-Block 0.

Uthe iyabakhath­aza indaba yokuqhubek­a nokufa kwabantu yize sekukhona amakhamera.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uzigxekile lezi zigameko zakamuva zaseGlebel­ands wanxusa amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukuze kubanjwe abasolwa.

UKaunda uthe okubaphath­a kabi kakhulu ukuthi lokhu kubulala kwenzeka phezu kwemizamo eyenziwa nguhulumen­i yokuqeda ukubulawa kwabantu esifundazw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa