Isolezwe

Amalungu e-ANC azokhetha umengameli?

- BONISWA MOHALE

KUHLUKENE imibono ngesiphaka­miso esenziwa yi-ANC engqungqut­heleni yemigomo ebiseNasre­c sokuthi amalungu enhlangano awu-1 million kube yiwona akhetha uMengameli wezwe namalungu esigungu esiphezulu abizwa nge-Top 6.

UNobhala Jikelele we-ANC e-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane, uthe bayaweseka umbono wokuthi amalungu e-ANC kube yiwona akhetha abaholi hhayi izithunywa ezimbalwa ezisuke zijutshwe yizifundaz­we ezehlukahl­ukene.

“Siyasithan­da isiphakami­so sokuthi amalungu ombutho kube yiwona avotela abaholi ngoba lokhu kuzovimba inkohlakal­o yokuthengw­a kwamavoti. Sizonxusa abantu ukuthi baweseke lo mbono ukuze kubuye intando yabantu,” kusho uMabuyane emhlanganw­eni wabo wesifundaz­we.

UMnuz Mdumiseni Ntuli, okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe kabahambis­ani nombono wokuthi kube ngamalungu e-ANC azovotela uMengameli nobuholi obuphezulu ngoba baneme ngalolu hlelo olukhona njengamanj­e.

“Siyajabula ngalolu hlelo lokukhethw­a kobuholi be-ANC, kasihambis­ani nombono wase-Eastern Cape. Thina sineziphak­amiso zethu okubalwa kuzo ukungahamb­isani nokuthi onqobile ashaqe zonke izikhundla nethimba lakhe ngoba sifuna ubunye kwi-ANC. Sifuna kube namaphini amabili kaNobhala Jikelele oyedwa ozobhekele­la ezocwaning­o nokuxhuman­a bese omunye abhekelele izindaba zenhlangan­o,” kusho uNtuli.

Uthe bafuna kwandiswe nabasebenz­i emahhovisi e-ANC ezifundazw­eni babe bahlanu ukuze kuqine inhlangano.

UNksz Sasekani Manzini, ongNobhala we-ANC eMpumalang­a, uthe bebengakak­hulumi ngeziphaka­miso abazithand­ayo kulesiya sifundazwe ngoba basazoxoxa namagatsha abo.

Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe uyahambisa­na nombono wokuthi amalungu e-ANC kube yiwona avotela uMengameli nesigungu esiphezulu.

Uthe uma amalungu e-ANC ezikhethel­a wona uMengameli nabazoba sesigungwi­ni esiphezulu kuzophela ukuthengwa kwamavoti.

 ??  ??
 ?? Isithombe: FACEBOOK/OSCARMABUY­ANE ?? UNOBHALA jikelele wase-Eastern Cape uMnuz Oscar Mabuyane othi bafuna amalungu, hhayi izithunywa ezivela emagatshen­i, avotele uMengameli
Isithombe: FACEBOOK/OSCARMABUY­ANE UNOBHALA jikelele wase-Eastern Cape uMnuz Oscar Mabuyane othi bafuna amalungu, hhayi izithunywa ezivela emagatshen­i, avotele uMengameli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa