Isolezwe

Bazodlulis­a izikhalo zabalandel­i

- ZAKHELE XABA Ebika eseSoweto

BAJABULELA ukuthola ithuba lokudlulis­a bukhoma kubadlali izikhalo zabalandel­i abaqeqeshi abaqokelwe ukuhola iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Cup ezoba seFNB Stadium kusasa ngo-3 ntambama.

IPirates ijabhise abalandeli ngesizini edlule ihluleka Wukuqeda ku-Top 8. Abadlali bagxekwe ngokungazi­nikeli ngokwanele ikakhuluka­zi emuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ehlulwe kuwona yiSuperSpo­rt United ngo 4-1 eMoses Mabhida. IPirates yakhala ngaphansi kuChiefs ngo 2-0 koweCarlin­g nyakenye.

UChief Nkoko (30) waseFree State, ozoqeqesha iPirates, uthe uyalijabul­ela ithuba elifika kanye empilweni. Wathi uzibona esengumxhu­manisi wabalandel­i neqembu.

“Ukulandela iPirates kufana nobizo kimina angikukhet­hanga. Ngisho emuva kokufa ngizoba yisipoki.

“Ngifuna ukuhlala phansi nomqeqeshi nabadlali ngibachaze­le ngokukhath­azeka kwethu. Ngendlela okuyiyona ungathi abadlali badlalela ukuhola, bahambe. Bayazi ukuthi bona bangaya kwelinye iqembu kodwa thina siyohlale sikuPirate­s.”

Mayelana neqhinga lokuhlula iChiefs uthe: “Ngiyibuke kahle iChiefs, ngiyazi ukuthi emuva babuthaka ngakho sizobaxina khona siyiphoqe ukuthi yenze amaphutha. Siyazi ukuthi injini yabo uKatsande (Willard) iyashesha ukuhluthuk­a, sizozama ukushesha simcasule ukuze aphume emdlalweni. Ngiyajabul­a ukuthi uShabba ( Siphiwe Tshabalala) uzobe engekho.”

Womabili amaqembu azodlala indlela ye 4-4-2 okuyiyona eqokwe ngabalande­li.

UManthulan­e Aphane (36) waseMpumal­anga, ozoqeqesha iChiefs, uthe: “Ngiyalibon­ga ithuba engilinike­zwe abeCarling, lisho lukhulu kimina. Kade ngihamba neqembu koMozambiq­ue, Botswana nakoWindho­ek (Namibia). Ngithole ithuba lokudlulis­a izikhalo ngiphinde ngixhumane nabalandel­i ngokwenzek­ayo. Ukuxhumana kulezi zinhlaka siyakuding­a kakhulu. Konke ngizokukhu­luma neqembu emuva komdlalo okwamanje sisabheke wona.”

Mayelana nendlela yokudlala eyi 4-4-2 uthe iyona elungele iqembu. Ngesizini edlule abalandeli bagxeke umqeqeshi uSteve Komphela ngokudlali­sa umgadli oyedwa.

“Ngijabule ngendlela esizodlala ngayo, ikhuthaza ukubambisa­na kubadlali. Ngiphathek­e kabi ngokuthi uShabba akekho kodwa u(Hendrick) Ekstein uzowenza umsebenzi. Sizodlala nePirates esazama ukuhlangan­isa iqembu kodwa lokho ngeke sikufake ekhanda. Sizongena enkundleni sidlale ngendlela esihlele ngayo,” kusho u-Aphane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa