Isolezwe

UPhat Joe ubonga abamesekay­o

- NOKUBONGWA PHENYANE

OBEYIJAJI elibambile ohlelweni lomculo ama-Idols SA, uPhat Joe uthi uyazibonga izincomo azithole kubantu ngemuva kwalolu hlelo.

Kule sizini kwenzeka okungajway­elekile njengoba kufika amajaji ayizivakas­hi. Lokhu kulandela ukuthi kube nesikhala ngemuva kokuhamba kukaGareth Cliff. Njengamanj­e amajaji akhona wuRandall Abrahams, Unathi Msengana noSomizi Mhlongo.

NgeSonto bekukhona uPhat Joe ngesikhath­i inhlolokho­no iseThekwin­i. Esiqeshini sangeSonto kuMzansi Magic ngo-5.30 ntambama, kuzobe kukhona uKelly Khumalo.

“Ngiyabonga izincomo ezinhle kubo bonke abantu ababukela uhlelo. Ngihlale ngizama njalo ukuthi ngiwakhiph­e wonke amangwevu ami futhi ngiyabahlo­nipha abantu engibasebe­nzelayo,” kusho uPhat Joe.

Uthe okumnandi kuye wukuthi abantu bayayithak­asela imizamo yakhe.

“Ngangimele iKZN ngesikhath­i ngikuma-Idols, uma lokhu kuholela ekutheni ngiphinde ngivele futhi ohlelweni, sonke sizohlomul­a.”

Lo saziwayo usanda kushiya esiteshini saseThekwi­ni lapho ayethula khona uhlelo lwantambam­a, i-East Coast Drive phakathi nesonto.

Kuleli sonto umemezele ukuthi uyashiya ekwethulen­i uhlelo lomgosi lwakuSABC 1, iReal Goboza aqala ukuyethula ngoSepthem­ba ka-2010.

“Ngimatasa ngezinto ezintsha futhi ngihlunga izicelo ezimbalwa. Uma isikhathi sesifanele, siyokwenza isimemezel­o. Okwamanje ngisajabul­ela ukuphumula nokuchitha isikhathi nomndeni wami.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UPHAT Joe uthi uyakujabul­ela ukunconywa ngabantu ngemuva kokuba yijaji kuma-Idols SA
Isithombe: SITHUNYELW­E UPHAT Joe uthi uyakujabul­ela ukunconywa ngabantu ngemuva kokuba yijaji kuma-Idols SA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa